Eyesibili YeziKronike
5 Ngakho uSolomoni wawuqeda wonke umsebenzi okwakumele awenzele indlu kaJehova. + Ngemva kwalokho uSolomoni wangenisa izinto uDavide uyise ayezingcwelisile, + wabeka isiliva, igolide nazo zonke izinto endaweni yokugcina ingcebo yendlu kaNkulunkulu weqiniso. + 2 Ngaleso sikhathi uSolomoni waqoqela ndawonye amadoda amadala akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zemindeni yoyise yezizwe zakwa-Israyeli. Beza eJerusalema ukuze kukhushulwe umphongolo wesivumelwano sikaJehova ususwa eDolobheni LikaDavide, + okungukuthi, eZiyoni. + 3 Wonke amadoda akwa-Israyeli ahlangana phambi kwenkosi emkhosini* owenziwa ngenyanga yesikhombisa. +
4 Ngakho wonke amadoda amadala akwa-Israyeli eza, amaLevi awuthwala uMphongolo. + 5 Akhuphula uMphongolo, itende lokuhlangana + nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni. Abapristi namaLevi* bakukhuphula. 6 INkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano ka-Israyeli eyayibizelwe ukuzohlangana nayo babephambi koMphongolo. Kwenziwa imihlatshelo yezimvu nezinkomo eziningi + ezingenakubalwa. 7 Ngemva kwalokho abapristi bangenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo, bawubeka ekamelweni elingaphakathi lendlu, eNgcwelengcwele, ngaphansi kwamaphiko amakherubi. + 8 Ngakho amaphiko amakherubi ayelulekele endaweni yoMphongolo, amakherubi amboza uMphongolo nezinduku zawo + ngaphezulu. 9 Izinduku zawo zazizinde kangangokuba izihloko zazo zazibonakala eNgcwele phambi kwekamelo elingaphakathi, kodwa zazingabonakali ngaphandle. Ziselapho kuze kube namuhla. 10 Kwakungekho lutho eMphongolweni ngaphandle kwamatshe amabili ayizicaba uMose ayewafake kuwo eHorebe, + lapho uJehova enza isivumelwano + nama-Israyeli ngesikhathi ephuma eGibhithe. +
11 Lapho abapristi bephuma endaweni engcwele (ngoba bonke abapristi ababekhona babezingcwelisile, + kungakhathaliseki ukuthi babekusiphi isigaba), + 12 bonke abahlabeleli bamaLevi + ababengabaka-Asafa, + abakaHemani, + abakaJeduthuni + nabamadodana abo nabafowabo babegqoke indwangu esezingeni eliphezulu, bephethe amasimbali, izinsimbi zomculo ezinezintambo, namahabhu; babemi empumalanga ye-altare, kumi kanye nabo abapristi abangu-120 beshaya amacilongo. + 13 Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bedumisa futhi bebonga uJehova ndawonye, njengoba kwakunyuka umsindo uvela emacilongweni, kumasimbali nakwezinye izinsimbi zomculo ngesikhathi bedumisa uJehova, “ngoba muhle; uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade,” + indlu yagcwala ifu, yona kanye indlu kaJehova. + 14 Abapristi abakwazanga ukuma bakhonze ngenxa yaleli fu, ngoba inkazimulo kaJehova yagcwala indlu kaNkulunkulu weqiniso. +