Joshuwa
11 Kwathi nje lapho uJabini inkosi yaseHazori ezwa ngakho, wathumela umyalezo kuJobabi inkosi yaseMadoni + nasenkosini yaseShimroni, enkosini yase-Akishafu, + 2 emakhosini ayesezintabeni ezisenyakatho, kulawo ayesemathafeni* aseningizimu yeKhinereti, nakulawo ayeseShefela nasezindaweni ezigudle izintaba zaseDori + entshonalanga, 3 kumaKhanani + asempumalanga nasentshonalanga, kuma-Amori, + kumaHeti, kumaPherizi, kumaJebusi asezintabeni nakumaHivi + phansi kweHermoni + ezweni laseMispa. 4 Ngakho aphuma nawo wonke amabutho awo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle kanye nenqwaba yamahhashi nezinqola zempi. 5 Wonke la makhosi avumelana ukuba ahlangane, eza amisa amatende ndawonye ngasemithonjeni yaseMerome ukuze alwe no-Israyeli.
6 Kulokhu uJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, + ngoba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke ku-Israyeli ukuze nakanjani nibabulale. Amahhashi abo kumele niwanqume imisipha + nezinqola zabo kumele nizishise ngomlilo.” 7 UJoshuwa nalo lonke ibutho lempi babathelekela bengalindele ngasemithonjeni yaseMerome babahlasela. 8 UJehova wabanikela esandleni sama-Israyeli, + abanqoba futhi abajaha kwaze kwaba seSidoni, + idolobha elikhulu, naseMisirefoti-mayimi + naseSigodini SaseMispe empumalanga, ababulala kwangasinda ngisho noyedwa. + 9 Ngemva kwalokho uJoshuwa wenza njengoba nje uJehova ayemyalile; amahhashi abo wawanquma imisipha nezinqola zabo wazishisa ngomlilo. +
10 Ngaphezu kwalokho, uJoshuwa wabuyela emuva wafike wathatha iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, + ngoba iHazori lalikade liyinhloko yayo yonke le mibuso. 11 Babulala bonke abantu ababekulo ngenkemba, babaqothula. + Akusindanga ngisho noyedwa. + Wabe eselishisa ngomlilo iHazori. 12 UJoshuwa wawanqoba wonke amadolobha ala makhosi, waqothula wonke amakhosi akhona ngenkemba. + Wawabulala, + njengoba nje uMose inceku kaJehova ayeyalile. 13 Nokho, ama-Israyeli awawashisanga amadolobha ayakhiwe emanxiweni ngaphandle kweHazori; yilo kuphela uJoshuwa alishisa. 14 Ama-Israyeli azithathela yonke impango nemfuyo yala madolobha. + Kodwa bonke abantu ababulala ngenkemba aze abaqeda nya. + Awashiyanga noyedwa ophefumulayo. + 15 Njengoba nje uJehova ayeyale uMose inceku yakhe, uMose wamyala kanjalo uJoshuwa, + uJoshuwa wenza kanjalo. Akukho nokukodwa angakwenzanga kukho konke uJehova ayeyale ngakho uMose. +
16 UJoshuwa walinqoba lonke leli zwe, indawo esezintabeni, yonke iNegebhi, + lonke izwe laseGosheni, iShefela, + i-Araba + nendawo yakwa-Israyeli esezintabeni namagquma ayo,* 17 kusukela eNtabeni iHalaki enyuka ize iyofika eSeyiri kuze kufike eBhali-gadi + eSigodini SaseLebhanoni esiphansi kweNtaba iHermoni, + wathumba wonke amakhosi akhona wawanqoba, wawabulala. 18 Kwathatha isikhathi esijana ukuba uJoshuwa alwe nawo wonke la makhosi. 19 Akukho dolobha elenza isivumelwano sokuthula nama-Israyeli ngaphandle kwamaHivi ayehlala eGibheyoni. + Ama-Israyeli alwa nabo bonke abanye abanqoba. + 20 NguJehova owavumela izinhliziyo zabo ukuba zibe lukhuni + ukuze balwe no-Israyeli, ukuze ababhubhise ngaphandle kokubabonisa umusa. + Kwakufanele babhujiswe, njengoba nje uJehova ayeyale uMose. +
21 Ngaleso sikhathi uJoshuwa wawaqeda wonke ama-Anaki + ayesezintabeni, eHebroni, eDebhiri, e-Anabi, kuyo yonke indawo yakwaJuda esezintabeni nakuyo yonke indawo yakwa-Israyeli esezintabeni. UJoshuwa wawabhubhisa kanye namadolobha awo. + 22 Akukho ma-Anaki asala ezweni lama-Israyeli; asala + eGaza, + eGati + nase-Ashidodi + kuphela. 23 Ngakho uJoshuwa walithatha lonke izwe, njengoba nje uJehova ayethembise uMose, + uJoshuwa wabe eselinika ama-Israyeli ukuba ahlukaniselane lona ngokwezizwe zawo. + Izwe laba nokuthula alibange lisaphazanyiswa yimpi. +