Eyesibili KaSamuweli
13 Manje u-Absalomu indodana kaDavide, wayenodadewabo omuhle ogama lakhe kunguThamari, + u-Amnoni indodana kaDavide + wamthanda. 2 U-Amnoni wayecindezeleke kakhulu kangangokuthi wagula ngenxa kaThamari udadewabo, ngoba wayeyintombi nto, futhi kwakubonakala kungenakwenzeka ukuba u-Amnoni enze utho kuye. 3 Manje u-Amnoni wayenomngani ogama lakhe kwakunguJehonadaba + indodana kaShimeyahi + umfowabo kaDavide; uJehonadaba wayeyindoda eyiqili kakhulu. 4 Ngakho wathi kuye: “Ndodana yenkosi, kungani uhlale udangele usuku nosuku? Ngitshele.” U-Amnoni wamphendula wathi: “Ngiyafa uthando ngoThamari udadewabo + ka-Absalomu umfowethu.” 5 UJehonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho uzishaye ogulayo. Lapho uyihlo eza ezokubona, kufanele uthi kuye, ‘Ngicela kuze uThamari udadewethu angenzele ukudla. Uma engenzela ukudla okunikwa umuntu ogulayo* phambi kwamehlo ami, anginike kona ngizokudla.’ ”
6 Ngakho u-Amnoni walala phansi wazishaya ogulayo, inkosi yangena izombona. U-Amnoni wathi enkosini: “Ngicela kuze uThamari udadewethu abhake amakhekhe amabili amise okwenhliziyo phambi kwamehlo ami, bese enginika wona ukuze ngidle.” 7 UDavide wabe esethumela umyalezo kuThamari endlini, wathi: “Ngicela uye endlini ka-Amnoni umfowenu uyomenzela ukudla.”* 8 Ngakho uThamari waya endlini ka-Amnoni umfowabo, lapho ayelele khona. Wathatha inhlama yokwenza amakhekhe wayixova wawabhaka phambi kuka-Amnoni. 9 Ngemva kwalokho wakhipha amakhekhe epanini wamnika wona. Kodwa u-Amnoni wenqaba ukudla wathi: “Tshela wonke umuntu ukuba aphume!” Ngakho bonke abantu baphuma.
10 U-Amnoni wayesethi kuThamari: “Kulethe lapha ekamelweni ukudla* ukuze ngidle.” Ngakho uThamari wawathatha amakhekhe amise okwenhliziyo ayewenzile, wawaletha ku-Amnoni umfowabo ekamelweni. 11 Lapho ewaletha kuye ukuze adle, wambamba wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.” 12 Kodwa uThamari wathi kuye: “Hhayi, mfowethu! Musa ukungilulaza, ngoba ayenziwa le nto kwa-Israyeli. + Musa ukwenza into eyihlazo kanje. + 13 Ngizophila kanjani nehlazo elinje? Wena uzoba njengomunye wamadoda angenangqondo kwa-Israyeli. Manje ngicela ukhulume nenkosi, ngoba ngeke ikugodlele mina.” 14 Kodwa akamlalelanga, wasebenzisa amandla wamdlwengula. 15 Ngemva kwalokho, u-Amnoni waqala ukumzonda ngenzondo enkulu kakhulu, kangangokuba inzondo ayesemzonda ngayo yayinkulu kunothando ayemthande ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe!” 16 Yena wathi: “Cha, mfowethu, ngoba ukungixosha manje kubi kakhulu kunalokhu okunye okwenze kimi!” Kodwa wenqaba ukumlalela.
17 Ngakho wabiza isikhonzi sakhe esisesincane wathi: “Ngicela ususe lo muntu phambi kwami, uhluthulele umnyango uma esephumile.” 18 (Manje wayegqoke ingubo yekhethelo,* ngoba yilezo izingubo ezazigqokwa amadodakazi enkosi ayizintombi nto.) Ngakho isikhonzi sakhe samhola samkhiphela phandle sahluthulela umnyango lapho esephumile. 19 UThamari wathela umlotha ekhanda lakhe, + waklebhula ingubo enhle ayeyigqokile; wathwala izandla ekhanda wahamba, ehamba ekhala.
20 Lapho ebona lokhu u-Absalomu umfowabo + wathi kuye: “Ingabe ngu-Amnoni umfowenu obenawe? Manje dadewethu, thula. Ungumfowenu. + Ungayibeki inhliziyo yakho kule ndaba.” Ngakho uThamari wahlala endlini ka-Absalomu umfowabo, engahlangani nabanye abantu. 21 Lapho iNkosi uDavide izwa ngazo zonke lezi zinto, yathukuthela kakhulu. + Kodwa yayingafuni ukumphatha kabi u-Amnoni indodana yayo, ngoba yayimthanda ngenxa yokuthi wayeyizibulo layo. 22 U-Absalomu akashongo lutho ku-Amnoni, olubi noma oluhle; u-Absalomu wayemzonda + u-Amnoni ngenxa yokuthi wayelulaze udadewabo uThamari. +
23 Ngemva kweminyaka emibili egcwele, u-Absalomu wayenabantu ababemgundela izimvu eBhali-hazori, eduze nakwa-Efrayimi, + u-Absalomu wamema wonke amadodana enkosi. + 24 Ngakho u-Absalomu wangena enkosini wathi: “Inceku yakho igunda izimvu! Ngicela inkosi nezinceku zayo bahambe nami.” 25 Kodwa inkosi yathi ku-Absalomu: “Cha, ndodana yami. Uma sihamba sonke, sizoba umthwalo kuwe.” Nakuba ayelokhu eyincenga, ayivumanga ukuhamba kodwa yambusisa. 26 U-Absalomu wabe esethi: “Uma wena ungeke uhambe, ngicela uvumele umfowethu u-Amnoni ahambe nathi.” + Inkosi yamphendula yathi: “Kungani kufanele ahambe nawe?” 27 Kodwa u-Absalomu wayincenga, ngakho yavuma ukuba u-Amnoni nawo wonke amadodana enkosi bahambe naye.
28 U-Absalomu wayala izikhonzi zakhe, wathi: “Nivule amehlo, lapho inhliziyo ka-Amnoni isijabule ngenxa yewayini, ngizothi kini, ‘Bulalani u-Amnoni!’ Kuyomelwe nimbulale. Ningesabi. Akumina yini oniyalile? Qinani nibe nesibindi.” 29 Ngakho izikhonzi zika-Absalomu zenza ku-Amnoni njengoba nje u-Absalomu ayeyalile; wonke amanye amadodana enkosi asukuma, yileyo naleyo yagibela umnyuzi wayo, abaleka. 30 Lapho esesendleleni kwafika umbiko kuDavide, kwathiwa: “U-Absalomu uwabulale wonke amadodana enkosi, akusalanga ngisho neyodwa.” 31 Lapho izwa lokho inkosi yasukuma yaklebhula izingubo zayo yalala phansi, zonke izinceku zayo zazimi eduze kwayo izingubo zazo ziklebhukile.
32 Nokho, uJehonadaba + indodana kaShimeyahi + umfowabo kaDavide, wathi: “Inkosi mayingacabangi ukuthi bawabulale wonke amadodana enkosi, ngoba ngu-Amnoni yedwa ofile. + Lokhu kwenzeke ngomyalo ka-Absalomu, owanquma ukwenza le nto + kusukela ngosuku u-Amnoni alulaza ngalo uThamari + udadewabo. + 33 Manje inkosi yami mayingawunaki* lo mbiko othi, ‘Wonke amadodana enkosi afile’; ngu-Amnoni kuphela ofile.”
34 Phakathi naleso sikhathi u-Absalomu wabaleka. + Kamuva umlindi waphakamisa amehlo akhe wabona abantu abaningi beqhamuka ngomgwaqo ongemva kwakhe ogudla intaba. 35 UJehonadaba + wathi enkosini: “Bheka! Nawa amadodana enkosi ebuya. Kunjengoba nje inceku yakho ishilo.” 36 Lapho nje eqeda ukukhuluma, amadodana enkosi angena, ekhala ebangalasa; ngisho nenkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kalusizi. 37 Kepha u-Absalomu wabaleka waya kuTalimayi + indodana ka-Amihudi inkosi yaseGeshuri. UDavide wayililela isikhathi eside indodana yakhe. 38 Ngemva kokuba u-Absalomu ebalekele eGeshuri, + wahlala khona iminyaka emithathu.
39 Ekugcineni iNkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Absalomu, ngoba yayisixolile* ngendaba yokufa kuka-Amnoni.