Eyesibili YeziKronike
33 UManase + wayeneminyaka engu-12 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-55 eJerusalema. +
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova, elandela imikhuba enyanyekayo yezizwe uJehova ayezixoshe phambi kwabantu bakwa-Israyeli. + 3 Wakha kabusha izindawo eziphakeme uHezekiya uyise ayezidilizile, + wamisela oBhali ama-altare wenza nezigxobo ezingcwele,* wakhothamela lonke ibutho lamazulu walikhonza. + 4 Wakha nama-altare endlini kaJehova, + uJehova ayethe ngayo: “Igama lami liyoba seJerusalema kuze kube phakade.” + 5 Wakhela lonke ibutho lamazulu ama-altare emagcekeni amabili endlu kaJehova. + 6 Washisa amadodana akhe emlilweni + eSigodini Sendodana KaHinomu; + wenza imilingo, + wabhula, wathakatha, wamisa abasebenzelana nemimoya nababikezeli bekusasa. + Wenza okubi kakhulu emehlweni kaJehova, wamcasula.
7 Wabeka umfanekiso oqoshiwe ayewenzile endlini kaNkulunkulu weqiniso, + uNkulunkulu ayethe ngayo kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngizobeka igama lami kuze kube phakade. + 8 Ngeke ngiphinde ngisuse ama-Israyeli ezweni engalabela okhokho bawo, uma nje enza ngokucophelela konke engiwayale ngakho, wonke uMthetho, iziqondiso nezinqumo zokwahlulela engawayala ngakho ngoMose.” 9 UManase waqhubeka edukisa uJuda nabantu baseJerusalema, ebenzisa okubi kakhulu ukwedlula izizwe uJehova ayeziqothule phambi kwama-Israyeli. +
10 UJehova wayelokhu ekhuluma noManase nabantu bakhe, kodwa abanakanga. + 11 Ngakho uJehova wabalethela izinduna zempi zenkosi yase-Asiriya, zambamba ngamahhuku* uManase, zambopha ngozankosi bethusi zamyisa eBhabhiloni. 12 Lapho ecindezelekile, wancenga uJehova uNkulunkulu wakhe ukuba ambonise umusa waqhubeka ezithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe. 13 Wayelokhu ethandaza kuYe, ukunxusa kwakhe kwamthinta uNkulunkulu, wasizwa isicelo sakhe somusa, wambuyisela eJerusalema ebukhosini bakhe. + UManase wafunda ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. +
14 Ngemva kwalokhu wakha udonga lwangaphandle lweDolobha LikaDavide + entshonalanga yeGihoni + esigodini* kuze kufike eSangweni Lezinhlanzi, + walwakha lwazungeza lwaze lwafika e-Ofeli, + waluphakamisa kakhulu. Ngaphezu kwalokho, wabeka izinduna zebutho lempi kuwo wonke amadolobha anezivikelo eziqinile kwaJuda. 15 Wabe esesusa onkulunkulu bezinye izizwe nomfanekiso wesithixo endlini kaJehova + nawo wonke ama-altare ayewakhe entabeni yendlu kaJehova + naseJerusalema, wayeseyala ukuba kulahlwe ngaphandle kwedolobha. 16 Walungisa ne-altare likaJehova + wanikela kulo imihlatshelo ehlanganyelwayo + nemihlatshelo yokubonga, + watshela uJuda ukuba akhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 17 Noma kunjalo, abantu babesayenza imihlatshelo ezindaweni eziphakeme, nakuba babeyenzela uJehova uNkulunkulu wabo kuphela.
18 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaManase, umthandazo awenza kuNkulunkulu wakhe namazwi ababoni bemibono abakhuluma naye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kulotshwe emlandweni wamakhosi akwa-Israyeli. 19 Umthandazo wakhe + nendlela anikwa ngayo lokho ayekucela, zonke izono zakhe nokungathembeki kwakhe, + izindawo akha kuzo izindawo eziphakeme wamisa nezigxobo ezingcwele *+ nemifanekiso ebaziwe ngaphambi kokuba azithobe, nakho kulotshiwe emazwini ababoni bakhe bemibono. 20 Ngemva kwalokho uManase washona, bamngcwaba eduze kwendlu yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe. +
21 U-Amoni + wayeneminyaka engu-22 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka emibili eJerusalema. + 22 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, njengoba nje uManase uyise ayenzile; + u-Amoni wahlabela yonke imifanekiso ebaziwe uManase uyise ayeyenzile, + waqhubeka eyikhonza. 23 Kodwa akazange azithobe phambi kukaJehova + ngendlela uManase uyise azithoba ngayo; + kunalokho u-Amoni walenza laba likhulu icala lakhe. 24 Ekugcineni izinceku zakhe zamakhela uzungu + zambulalela endlini yakhe. 25 Kodwa abantu bezwe bababulala bonke labo abakhela iNkosi u-Amoni uzungu, + benza uJosiya indodana yakhe + waba inkosi esikhundleni sakhe.