Kumqondisi; kufanele liculwe nezinsimbi zomculo ezinezintambo ngenothi leSheminiti.
Ihubo likaDavide.
6 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,
Ungangiyali ngolaka. +
2 O Jehova, ngibonise umusa ngoba ngiphelelwa amandla.
Ngelaphe Jehova + ngoba amathambo ami ayaqhaqhazela.
3 Yebo, ngiphazamiseke kakhulu, +
Jehova ngiyabuza—kuyoze kube nini ulindile? +
4 Buya Jehova ungikhulule; +
Ngisindise ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
5 Ngoba ekufeni akukhulunywa nhlobo ngawe;
Ngubani oyokudumisa eThuneni? +
6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; +
Ubusuku bonke ngimanzisa umbhede wami ngezinyembezi;
Usofa wami umanzi yizinyembezi zami. +
7 Ngikhathazekile ngenxa yazo zonke izinsizi zami; +
Amehlo ami awasaboni kahle ngenxa yabo bonke abangihluphayo.
8 Sukani kimi, nina nonke enenza izinto ezimbi,
Ngoba uJehova uzowuzwa umsindo wokukhala kwami. +
9 UJehova uzosizwa isicelo sami sokuboniswa umusa; +
UJehova uzowuphendula umthandazo wami.
10 Zonke izitha zami ziyohlazeka zesabe;
Ziyophindela emuva zihlazekile. +