Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. + Kumqondisi; ngenothi leMahalati, kufanele liculwe kushintshwane. Imaskili likaHemani + umEzra.
88 O Jehova, Nkulunkulu wensindiso yami, +
Ngikhala kuwe emini,
Nasebusuku ngiza kuwe. +
2 Umthandazo wami mawufike kuwe, +
Ngilalele lapho ngikhalela usizo. +
3 Ngoba umphefumulo wami ukhungethwe yizinhlekelele, +
Nokuphila kwami kulengela eThuneni. +
4 Sengibalwa kanye nalabo abehlela phansi egodini; +
Sengiwumuntu ongakwazi ukuzisiza, +
5 Oshiywe phakathi kwezidumbu
Njengababulewe abalele ethuneni,
Ongasabakhumbuli
Nabangasalutholi usizo lwakho.
6 Ungifake emgodini ojule kunayo yonke,
Ebumnyameni, kwalasha omkhulu.
7 Intukuthelo yakho iyangisinda, +
Amagagasi akho ayangicindezela. (Sela)
8 Ubadedisele kude abajwayelene nami; +
Ungenze ngaba yinto enyanyekayo kubo.
Ngibhajiwe angikwazi ukuphunyuka.
9 Iso lami likhathele ngenxa yokuhlupheka kwami. +
Usuku lonke Jehova ngiyakubiza; +
Ngelulela izandla zami kuwe.
10 Uyobenzela yini izimangaliso abafile?
Labo abafile bangavuka yini bakudumise? + (Sela)
11 Kuyokhulunywa yini ngothando lwakho oluqotho ethuneni,
Ngokuthembeka kwakho khona?
12 Ziyokwaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni
Noma ukulunga kwakho ezweni lokungazi lutho? +
13 Kodwa ngisalokhu ngikhala kuwe ngicela usizo Jehova, +
Njalo ekuseni umthandazo wami uyafika kuwe. +
14 Kungani ungilahla Jehova? +
Kungani ungifihlela ubuso bakho? +
15 Kusukela ebusheni bami,
Bengilokhu ngihlupheka futhi sengizoshabalala; +
Ngindikindiki ngenxa yezinto ezibuhlungu ovumela ukuba zingehlele.
16 Intukuthelo yakho evuthayo yehlele kimi; +
Izinto ezithusayo ezivela kuwe zingiqeda amandla.
17 Zingizungeza njengamanzi usuku lonke;
Zingivimbezela ziqhamuka nhlangothi zonke.
18 Abangani bami nomakhelwane bami ubadedisele kude nami; +
Ubumnyama sebuwumngani wami.