UJeremiya
35 Leli yizwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi + indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi: 2 “Hamba uye endlini yamaRekabi, + ukhulume nawo uwalethe endlini kaJehova, kwelinye lamagumbi okudlela;* uwanike iwayini ukuze aphuze.”
3 Ngakho ngathatha uJahazaniya indodana kaJeremiya indodana kaHabaziniya, abafowabo, wonke amadodana akhe nayo yonke indlu yamaRekabi 4 ngabaletha endlini kaJehova. Ngabangenisa egunjini lokudlela lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu weqiniso, elaliseceleni kwekamelo lokudlela lezikhulu ngaphezu kwekamelo lokudlela likaMahaseya indodana kaShalumi umlindimnyango. 5 Ngabeka izindebe ezigcwele iwayini phambi kwamadoda endlu yamaRekabi ngathi kuwo: “Phuzani nali iwayini.”
6 Kodwa athi: “Ngeke siliphuze iwayini, ngoba uJehonadaba *+ indodana kaRekabi, ukhokho wethu, wasiyala wathi, ‘Akumele nanini niphuze iwayini, nina noma amadodana enu. 7 Akumele nakhe indlu, nihlwanyele imbewu noma nibe namasimu amagilebhisi. Kunalokho, kumele nihlale ematendeni ngaso sonke isikhathi, ukuze niphile isikhathi eside ezweni enihlala kulo njengezifiki.’ 8 Ngakho siyaqhubeka silalela izwi likaJehonadaba indodana kakhokho wethu uRekabi kukho konke asiyala ngakho ngokungalokothi siphuze iwayini—thina, omkethu, amadodana ethu namadodakazi ethu. 9 Asizakhi izindlu esizohlala kuzo, asinawo amasimu amagilebhisi noma amanye amasimu noma imbewu. 10 Silokhu sihlala ematendeni futhi silalela konke uJehonadaba* ukhokho wethu asiyala ngakho. 11 Kodwa lapho uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni eza ezohlasela izwe, + sathi, ‘Masihambe siye eJerusalema sibalekele ibutho lempi lamaKhaledi nelamaSiriya,’ ngakho manje sesihlala eJerusalema.”
12 Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: 13 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Hamba uthi kubantu bakwaJuda nasezakhamuzini zaseJerusalema: “Anizange yini ninxuswe ngokuqhubekayo ukuba nilalele amazwi ami?” + kusho uJehova. 14 “UJehonadaba indodana kaRekabi wayala isizukulwane sakhe ukuba singaliphuzi iwayini, siligcinile izwi lakhe ngokungaliphuzi kuze kube namuhla, silalela umyalo kakhokho waso. + Nokho, mina ngikhulume nani ngokuphindaphindiwe* kodwa aningilalelanga. + 15 Ngangilokhu ngithumela kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma ngokuphindaphindiwe, *+ ngithi, ‘Ngicela nishiye izindlela zenu ezimbi, + nenze okulungile! Ningalandeli abanye onkulunkulu, ningabakhonzi. Khona-ke, niyoqhubeka nihlala ezweni enganinika lona, nina nokhokho benu.’ + Kodwa anizange ninginake noma ningilalele. 16 Isizukulwane sikaJehonadaba indodana kaRekabi siwugcinile umyalo kakhokho waso, + kodwa lesi sizwe asingilalelanga.” ’ ”
17 “Ngakho-ke yilokhu uJehova, uNkulunkulu wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: ‘Ngilethela uJuda nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema yonke inhlekelele engabaxwayisa ngayo, + ngoba ngikhulumile nabo kodwa abazange balalele, ngaqhubeka ngibabiza kodwa abazange baphendule.’ ” +
18 UJeremiya wathi kwabendlu kaRekabi: “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngenxa yokuthi niwulalelile umyalo kakhokho wenu uJehonadaba futhi niyaqhubeka nigcina yonke imiyalo yakhe, nenza njengoba nje aniyala, 19 yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Kuyohlale kunomuntu ongikhonzayo wesizukulwane sikaJehonadaba* indodana kaRekabi.” ’ ”