UHezekeli
25 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, + uprofethe ngokumelene nabo. + 3 Ngokuqondene nabakwa-Amoni, kumele uthi, ‘Yizwani izwi leNkosi EnguMbusi uJehova. Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngenxa yokuthi nithe ‘Nazo-ke!’ ngokumelene nendlu yami engcwele ngesikhathi ingcoliswa, nangezwe lakwa-Israyeli ngesikhathi lenziwa incithakalo, nangendlu kaJuda ngesikhathi iya ekudingisweni, 4 ngininikela kubantu baseMpumalanga ukuba nibe ngababo. Bayomisa amakamu* abo phakathi kwenu, bamise amatende abo phakathi kwenu. Bayodla izithelo zenu, baphuze ubisi lwenu. 5 Ngiyokwenza iRaba + libe yidlelo lamakamela, nezwe lama-Amoni libe indawo yokuphumula yomhlambi; niyokwazi ukuthi nginguJehova.” ’ ”
6 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngenxa yokuthi ushaye izandla, + washaya phansi ngezinyawo, wajabula ngezwe lakwa-Israyeli ngenhliziyo egcwele indelelo nokubhuqa, + 7 ngizokwelula isandla sami simelane nawe ukuze ngikunikele ezizweni ube yinto yokuphangwa. Ngizokunquma ezizweni ngikubhubhise emazweni. + Ngizokuqothula futhi uzokwazi ukuthi nginguJehova.’
8 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo, ‘Ngenxa yokuthi uMowabi + neSeyiri + bathe: “Bheka! Indlu kaJuda ifana nazo zonke ezinye izizwe,” 9 ngizokwenza amadolobha asemngceleni wakwaMowabi angavikeleki, kuhlanganise namadolobha akhona amahle kakhulu* iBheti-jeshimoti, iBhali-mehoni ngisho neKiriyatayimi. + 10 Ngizonikela ngabakwaMowabi nabakwa-Amoni kubantu baseMpumalanga + ukuze abakwa-Amoni bangakhunjulwa phakathi kwezizwe. + 11 Ngizokwahlulela abakwaMowabi, + bazokwazi ukuthi nginguJehova.’
12 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘U-Edomi uziphindiselele endlini kaJuda futhi wenze icala elikhulu ngokuziphindiselela kuyo; + 13 ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngizokwelulela nesandla sami kwelakwa-Edomi nginqume khona kokubili umuntu nemfuyo, ngizolenza incithakalo. + Kusukela eThemani kuze kufike eDedani, bazokuwa ngenkemba. + 14 ‘Ngizophindisela ku-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli. + Ulaka lwami nentukuthelo yami enkulu bazokuletha ku-Edomi ukuze bazibonele mathupha impindiselo yami,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.” ’
15 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngenxa yobutha babo obungapheli, amaFilisti abelokhu efuna ukuletha impindiselo nembubhiso. + 16 Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngelula isandla sami ngokumelene namaFilisti, + ngizowanquma amaKhereti, + ngibhubhise abantu abasele ogwini lolwandle. + 17 Ngizoletha kubo izenzo ezinkulu zempindiselo nezijeziso ezinonya; bazokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngehlisela impindiselo yami kubo.” ’ ”