U-Amose
6 “Maye kulabo abazethembayo* eZiyoni,
Kulabo abazizwa belondekile entabeni yaseSamariya, +
Abantu abavelele bezizwe eziqavile,
Labo indlu ka-Israyeli eza kubo!
2 Welelani eKhaline nibone.
Sukani lapho niye eHamati Elikhulu, +
Nehlele eGati lamaFilisti.
La madolobha awangcono yini kunale mibuso,*
Noma ingabe indawo yawo inkulu kuneyenu?
4 Balala emibhedeni yezinyo lendlovu + bazeneke kosofa, +
Badle izinqama zomhlambi namathole akhuluphele; *+
5 Baqamba izingoma zihambisane nomnkenenezo wehabhu, *+
NjengoDavide, benza izinsimbi zomculo; +
6 Baphuza iwayini ngezinkomishi ezinkulu, +
Bagcoba ngamafutha ekhethelo.
Kodwa abanandaba nenhlekelele* eyehlela indlu kaJosefa. +
8 ‘INkosi EnguMbusi uJehova izifunge yona,’ + kusho uJehova uNkulunkulu wamabutho,
‘ “Ngiyakwenyanya ukuziqhenya kukaJakobe, +
Ngiyayizonda imibhoshongo yakhe eqinile, +
Ngiyolinikela idolobha nalokho okuligcwalisile. +
9 “ ‘ “Uma kusele amadoda ayishumi endlini eyodwa, nawo ayokufa. 10 Kuyofika isihlobo* sithwale isidumbu sendoda ngayinye. Siyozikhiphela ngaphandle kwendlu izidumbu* zawo; kunoma ubani osemagunjini angaphakathi endlu siyothi, ‘Basekhona yini abanye abakanye nawe?’ Yena uyothi, ‘Akusekho muntu!’ Bese sithi, ‘Thula! Ngoba akusona isikhathi sokukhuluma ngegama likaJehova lesi.’ ”
12 Amahhashi ayagijima yini emadwaleni,
Noma umuntu uyolima yini khona ngezinkomo?