Eyesibili YeziKronike
27 UJothamu + wayeneminyaka engu-25 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha indodakazi kaZadoki. + 2 Waqhubeka enza okulungile emehlweni kaJehova, njengoba nje u-Uziya uyise ayenzile, + ngaphandle kokuthi yena akazange angene ngokungafanele ethempelini likaJehova. + Nokho, abantu babesenza okubi. 3 Wakha isango elingenhla lendlu kaJehova, + wenza nomsebenzi omkhulu wokwakha odongeni lwase-Ofeli. + 4 Wakha namadolobha + esifundeni esinezintaba sakwaJuda, + wakha nezindawo ezinezivikelo eziqinile + nemibhoshongo + emahlathini. 5 Walwa nenkosi yabakwa-Amoni + ekugcineni wabanqoba, ngalowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta* esiliva angu-100, amakhora* angu-10 000 kakolweni nangu-10 000 ebhali. Abakwa-Amoni bamkhokhela lokhu nangonyaka wesibili nowesithathu. + 6 Ngakho uJothamu waqhubeka eba namandla, ngoba wayezimisele ukuhamba ezindleleni zikaJehova uNkulunkulu wakhe.
7 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJothamu, zonke izimpi zakhe nezindlela zakhe, kulotshwe eNcwadini Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda. + 8 Wayeneminyaka engu-25 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-16 eJerusalema. + 9 Ngemva kwalokho uJothamu washona, wangcwatshwa eDolobheni LikaDavide. + U-Ahazi indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe. +