UNahume
1 Isimemezelo ngeNineve: + Incwadi yombono kaNahume* umElikoshi:
2 UJehova unguNkulunkulu ofuna abantu bazinikele kuye kuphela + futhi uyaphindisela;
UJehova uyaphindisela, ukulungele ukuveza ulaka lwakhe. +
UJehova uyaziphindiselela ezitheni zakhe,
Akayeki ukuthukuthelela izitha zakhe.
3 UJehova uyephuza ukuthukuthela, + unamandla amakhulu, +
Kodwa uJehova akasoze asigodla isijeziso esifanele. +
Indlela yakhe isemoyeni obhubhisayo nasesivunguvungwini,
Amafu ayizintuli zezinyawo zakhe. +
IBhashani neKarmeli kuyabuna, +
Izimbali zaseLebhanoni ziyabuna.
Umhlaba uyophithana ngenxa yobuso bakhe,
Kanye nezwe nabo bonke abahlala kulo. +
6 Ubani ongama phambi kolaka lwakhe? +
Ubani ongamelana nokuvutha kwentukuthelo yakhe? +
Ulaka lwakhe luyothululwa njengomlilo,
Amadwala ayodilika ngenxa yakhe.
7 UJehova muhle, + uyisiphephelo ngosuku lokucindezeleka. +
Uyabazi* labo abafuna isiphephelo kuye. +
8 Uyoyiqothula ngokuphelele indawo yalo* ngesikhukhula esinamandla,
Izitha zakhe ziyoxoshwa ubumnyama.
9 Yiliphi itulo eniyolakhela uJehova?
Uqothula kungasali lutho.
Usizi ngeke luvuke okwesibili. +
10 Ngoba abantu baseNineve bathandelene njengameva,
Bafana nabantu abadakwe ubhiya;
Kodwa bayoshwabadelwa njengezinhlanga ezomile.
11 Kuwe kuyophuma umuntu oceba okubi ngoJehova,
Okhipha iseluleko esingelusizo lwalutho.
12 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Nakuba babenawo wonke amandla futhi bebaningi,
Bayohlaselwa banqunywe.
Ngikuhluphile,* kodwa ngeke ngisakuhlupha.
Ngizoziqeda izithombe ezibaziwe nezithombe zensimbi* endlini* yonkulunkulu bakho.
Ngizokwenzela ithuna ngoba uyinto enyanyekayo.’
O Juda, gubha imikhosi yakho, + ufeze izifungo zakho,
Ngoba umuntu ongelusizo lwalutho ngeke aphinde adabule kuwe.
Uyobhujiswa ngokuphelele.”