Duteronomi
2 “Ngemva kwalokho saphenduka salibangisa ehlane ngendlela yasoLwandle Olubomvu, njengoba nje uJehova ayeshilo kimi, + sahamba izinsuku eziningi sizungeza iNtaba iSeyiri. 2 Ekugcineni uJehova wathi kimi, 3 ‘Seniyizungeze isikhathi eside ngokwanele le ntaba. Manje jikani niye enyakatho. 4 Yala abantu, uthi: “Nizodlula ngasemngceleni wabafowenu abahlala eSeyiri, + inzalo ka-Esawu, + bazonesaba, + ngakho kumele niqaphelisise. 5 Ningalwi nabo* ngoba ngeke ngininike izwe labo, ngeke ngininike ngisho nesiqeshana sendawo, ngoba iNtaba iSeyiri ngiyinike u-Esawu njengefa. + 6 Kufanele nibanike imali yokudla enizokudla, nikhokhele namanzi enizowaphuza. + 7 Ngoba uJehova uNkulunkulu wenu unibusisile kukho konke enikwenzile. Ulwazi kahle uhambo lwenu nidabula leli hlane elikhulu. Kule minyaka engu-40 uJehova uNkulunkulu wenu ubelokhu enani, anizange nintule lutho.”’ + 8 Ngakho sadlula ngakubafowethu abahlala eSeyiri, inzalo ka-Esawu, + sashiya indlela yase-Araba, ne-Elati ne-Eziyoni-gebheri. +
“Sabe sesiphenduka sahamba ngendlela yasehlane lakwaMowabi. + 9 UJehova wabe esethi kimi, ‘Ungaxabani noMowabi noma ulwe naye ngoba ngeke ngikunike izwe lakhe njengefa, ngenxa yokuthi i-Ari ngilinike inzalo kaLoti njengefa. + 10 (Kwakuhlala ama-Emi + kulo, isizwe esikhulu nesinabantu abaningi, abade njengama-Anaki. 11 AmaRefa + nawo ayebhekwa njengama-Anaki, + futhi abakwaMowabi babewabiza ngokuthi ama-Emi. 12 Ngaphambili, kwakuhlala amaHori + eSeyiri, kodwa inzalo ka-Esawu yawaphuca ifa lawo futhi yawaqothula yase ihlala endaweni yawo, + njengoba nje no-Israyeli ezokwenza ezweni eliyifa lakhe, uJehova azomnika lona nakanjani.) 13 Manje hambani niyowela iSigodi* SaseZeredi.’ Ngakho sasiwela iSigodi* SaseZeredi. + 14 Kwasithatha iminyaka engu-38 ukuhamba sisuka eKadeshi-barineya size siwele iSigodi* SaseZeredi, saze saphela sonke isizukulwane samadoda empi ekamu, njengoba nje uJehova ayefungile kuso. + 15 Isandla sikaJehova sasimelene naso ukuze sisiqede ekamu size siphele nya. +
16 “Kwathi nje lapho wonke amadoda empi esefe aphela phakathi kwabantu, + 17 uJehova waphinde wakhuluma nami, wathi, 18 ‘Namuhla uzodlula ngasendaweni kaMowabi, ebizwa ngokuthi i-Ari. 19 Lapho usondela kuma-Amoni, ungawahlukumezi noma uwachukuluze, ngoba alikho izwe lama-Amoni engiyokunika lona njengefa, ngenxa yokuthi ngilinike inzalo kaLoti njengefa. + 20 Nalo lalibhekwa njengezwe lamaRefa. + (Kwakuhlala amaRefa kulo futhi abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi amaZamzumi. 21 Ayeyisizwe esikhulu nesinabantu abaningi abade njengama-Anaki; + kodwa uJehova wawaqothula phambi kwabakwa-Amoni, bawaxosha bahlala endaweni yawo. 22 Yilokho akwenzela inzalo ka-Esawu, eseyihlala eSeyiri, + lapho eqothula amaHori + phambi kwayo, ukuze iwaphuce ifa lawo, ihlale nasendaweni yawo kuze kube namuhla. 23 Kodwa ama-Avi ayehlala ezindaweni ezazize zifike eGaza, + kwaze kwaba yilapho amaKhafitori + ayevela eKhafitori* ewaqothula futhi ehlala endaweni yawo.)
24 “‘Sukani, nihambe niwele iSigodi Sase-Arinoni. *+ Bheka, nginikele esandleni senu uSihoni + umAmori, inkosi yaseHeshibhoni. Ngakho yidlani ifa lezwe lakhe, nilwe naye. 25 Namuhla ngizokwenza ukuba bonke abantu abangaphansi kwamazulu, abezwa umbiko ngani banesabe. Bayokhathazeka futhi baqhaqhazele* ngenxa yenu.’ +
26 “Ngemva kwalokho ngathumela izithunywa sisehlane laseKedemoti + enkosini yaseHeshibhoni uSihoni, nala mazwi okuthula, + ngathi, 27 ‘Ngivumele ngidabule ezweni lakho. Ngizohamba ngomgwaqo kuphela, ngeke ngiphendukele kwesokudla noma kwesobunxele. + 28 Kuphela nje ngizodla ukudla ozongithengisela kona ngiphuze namanzi ozongithengisela wona. Wena nje ngivumele ngidabule izwe ngezinyawo zami 29 —yilokho inzalo ka-Esawu ehlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari abangenzela kona—ngize ngiwele iJordani ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’ 30 Kodwa uSihoni inkosi yaseHeshibhoni akavumanga ukuba sidabule izwe, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho wamvumela waba nenkani + nenhliziyo yakhe yaba lukhuni, ukuze amnikele esandleni sakho njengoba kunjalo manje. +
31 “UJehova wabe esethi kimi, ‘Bheka, sengiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe kuwe. Qala ukudla ifa lezwe lakhe.’ + 32 Lapho uSihoni ephuma kanye nabo bonke abantu bakhe, eza kithi empini eJahazi, + 33 uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba yena, amadodana akhe nabo bonke abantu bakhe. 34 Sathumba wonke amadolobha akhe ngaleso sikhathi saqothula wonke amadolobha, kuhlanganise namadoda, abesifazane nabantwana. Akusalanga muntu. + 35 Yimfuyo kuphela esayiphanga, kanye nempahla esasiyithathe emadolobheni esasiwathumbile. 36 Ukusuka e-Aroweri, + elingasonqenqemeni lweSigodi Sase-Arinoni* (kuhlanganise nomuzi osesigodini), kuze kufike eGileyadi, akukho dolobhana esingafikanga kulo. UJehova uNkulunkulu wethu wawanikela wonke kithi. + 37 Nokho, anizange nisondele ezweni labakwa-Amoni, + kulo lonke usebe lweSigodi* SaseJabhoki, + nasemadolobheni esifunda esinezintaba, nakunoma iyiphi indawo uJehova uNkulunkulu wethu ayeyinqabele.