Eksodusi
8 UJehova wathi kuMose: “Yana kuFaro, uthi kuye, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Khulula abantu bami ukuze bangikhonze. + 2 Uma ulokhu wenqaba ukubakhulula, ngizoshaya yonke indawo yakho ngamaxoxo. + 3 UMfula iNayile uzogcwala amaxoxo, azokhuphuka angene endlini yakho, ekamelweni lakho, phezu kombhede wakho, ezindlini zezinceku zakho, kubantu bakho, kohhavini bakho nasezitsheni zakho zokuxovela* inhlama. + 4 Amaxoxo azokhuphukela kuwe, kubantu bakho, nakuzo zonke izinceku zakho.”’”
5 Kamuva uJehova wathi kuMose: “Yithi ku-Aroni, ‘Yelulela isandla sakho nenduku phezu kwemifula, imisele yeNayile namaxhaphozi, wenze ukuba amaxoxo akhuphukele ezweni laseGibhithe.’” 6 Ngakho u-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibhithe, amaxoxo aqala ukukhuphuka alimboza izwe laseGibhithe. 7 Nokho, abapristi abenza imilingo benza into efanayo ngobuciko babo obuyimfihlo, nabo benza amaxoxo ukuba akhuphukele ezweni laseGibhithe. + 8 UFaro wabe esebiza uMose no-Aroni wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amaxoxo kimi nakubantu bami, + ngoba ngiyafuna ukubakhulula abantu ukuze benzele uJehova umhlatshelo.” 9 UMose wathi kuFaro: “Ngishiyela kuwe ukuba unqume ukuthi ngikuncengele nini ukuba amaxoxo asuswe kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho nasezindlini zakho. Azosala eMfuleni iNayile kuphela.” 10 UFaro wathi: “Kusasa.” Ngakho uMose wathi: “Kuzoba njengokusho kwakho ukuze wazi ukuthi akekho omunye onjengoJehova uNkulunkulu wethu. + 11 Amaxoxo azosuka kuwe, ezindlini zakho, ezincekwini zakho nakubantu bakho. Azosala eNayile kuphela.” +
12 Ngakho uMose no-Aroni baphuma kuFaro, uMose wancenga uJehova ngenxa yamaxoxo ayewalethe kuFaro. + 13 UJehova wenza njengoba uMose ayecelile, amaxoxo afa ezindlini, emagcekeni nasemasimini. 14 Babewanqwabelanisa eba izindunduma eziningi, izwe laqala ukunuka. 15 Lapho uFaro ebona ukuthi amaxoxo awasekho, wenza inhliziyo yakhe yaba lukhuni + wenqaba ukubalalela, njengoba nje uJehova ayeshilo.
16 UJehova wathi kuMose: “Yithi ku-Aroni, ‘Yelula induku yakho ushaye uthuli lomhlabathi, lube izinsensane* kulo lonke izwe laseGibhithe.’” 17 Bakwenza lokhu. U-Aroni welula isandla nenduku yakhe washaya uthuli lomhlabathi, kwaba khona izinsensane kumuntu nasesilwaneni. Lonke uthuli lomhlabathi lwaba izinsensane kulo lonke izwe laseGibhithe. + 18 Abapristi abenza imilingo bazama ukwenza okufanayo ukuze baveze izinsensane ngobuciko babo obuyimfihlo, + kodwa abakwazanga. Izinsensane zaba kumuntu nasesilwaneni. 19 Ngakho abapristi abenza imilingo bathi kuFaro: “Lokhu kwenziwe ngamandla* kaNkulunkulu!” + Kodwa inhliziyo kaFaro yaqhubeka iba nenkani, akabalalelanga, njengoba nje uJehova ayeshilo.
20 UJehova wathi kuMose: “Vuka kusesekuseni kakhulu ume phambi kukaFaro. Bheka! Lapho uFaro efika emfuleni, kumele uthi kuye, ‘Yilokhu uJehova akushilo: “Khulula abantu bami ukuze bangikhonze. 21 Kodwa uma ungabakhululi abantu bami, ngizothumela izibawu* phezu kwakho, ezincekwini zakho, kubantu bakho nasezindlini zakho; izindlu zaseGibhithe zizogcwala izibawu, zimboze ngisho nomhlabathi abama* phezu kwawo. 22 Ngalolo suku nakanjani ngizolihlukanisa izwe laseGosheni okuhlala kulo abantu bami. Akukho zibawu eziyoba lapho, + ngalokhu uzokwazi ukuthi mina Jehova, nginamandla kuwo wonke umhlaba. + 23 Ngizokwenza kube nomehluko phakathi kwabantu bami nabantu bakho. Kusasa sizokwenzeka lesi sibonakaliso.”’”
24 UJehova wenza kanjalo, iqulu lezibawu lahlasela indlu kaFaro nezindlu zezinceku zakhe nalo lonke izwe laseGibhithe. + Izwe lonakaliswa izibawu. + 25 Ekugcineni uFaro wabiza uMose no-Aroni wathi: “Hambani nenzele uNkulunkulu wenu umhlatshelo ezweni.” 26 Kodwa uMose wathi: “Akufanele senze kanjalo, ngoba lokho esizokwenza umhlatshelo kuJehova uNkulunkulu wethu kuyoba yinto enengekayo kwabaseGibhithe. + Uma sithukuthelisa abaseGibhithe ngenxa yomhlatshelo esiwunikela phambi kwamehlo abo, ngeke yini basishaye ngamatshe? 27 Sizothatha uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sizomenzela lapho umhlatshelo uJehova uNkulunkulu wethu, njengoba nje eshilo kithi.” +
28 Manje uFaro wathi: “Ngizonikhulula ukuze niyokwenzela uJehova uNkulunkulu wenu umhlatshelo ehlane. Kuphela ningayi kude kangaka. Ngincengeleni.” + 29 UMose wathi: “Manje ngiyaphuma lapha, ngizomncenga uJehova, izibawu zizosuka kuFaro, ezincekwini zakhe nakubantu bakhe kusasa. Kodwa uFaro kumele ayeke ukusikhohlisa* ngokwenqaba ukukhulula abantu ukuba bayokwenzela uJehova umhlatshelo.” + 30 Ngemva kwalokho uMose waphuma kuFaro wayoncenga uJehova. + 31 Ngakho uJehova wenza njengokusho kukaMose, izibawu zasuka kuFaro, ezincekwini zakhe nakubantu bakhe. Akusalanga nesisodwa. 32 Nokho, uFaro waphinde wenza inhliziyo yakhe yaba lukhuni, akabakhululanga abantu.