U-Isaya
12 Ngalolo suku ngokuqinisekile uyothi:
“O Jehova, ngiyakubonga,
Ngoba nakuba wawungithukuthelele,
Kancane kancane intukuthelo yakho yabohla wabe usungiduduza. +
2 Bheka! UNkulunkulu uyinsindiso yami. +
Ngizothembela kuye futhi ngeke ngesabe; +
Ngoba uJah,* uJehova uyizikhwepha zami namandla ami,
Usebe yinsindiso yami.” +
4 Ngalolo suku niyothi:
“Mbongeni uJehova, nibize igama lakhe,
Yenzani izenzo zakhe zaziwe phakathi kwezizwe! +
Yishoni ukuthi igama lakhe liphakanyisiwe. +
5 Hubelani* uJehova, + ngoba uye wenza izinto ezimangalisayo. +
Lokhu makumenyezelwe kuwo wonke umhlaba.