U-Isaya
2 Njengenyoni exoshwe esidlekeni sayo, +
Kanjalo amadodakazi akwaMowabi ayoba semazibukweni ase-Arinoni. +
3 “Nikezani iseluleko, nikhiphe isinqumo.
Nikezani isivikelo emini bebade ngesithunzi esimnyama njengobusuku.
Bacashiseni abahlakazekile, ningabakhapheli labo ababalekayo.
4 Kwangathi abantu bami abahlakazekile bangahlala kuwe Mowabi.
Yiba yindawo yabo yokucasha ngenxa yomuntu ocekela phansi. +
Kuyophela ngomcindezeli,
Ukucekela phansi kuyophela,
Labo abanyathela abanye bayoshabalala emhlabeni.
5 Khona-ke isihlalo sobukhosi siyomiswa siqine ngothando oluqotho.
Lowo ohlala kuso etendeni likaDavide uyothembeka; +
Uyokwahlulela ngobulungisa, asheshe ukwenza ukulunga.” +
6 Sizwile ngokuziqhenya kukaMowabi—uziphakamisa kakhulu +—
Ukuqhosha kwakhe nokuziqhenya kwakhe nolaka lwakhe; +
Kodwa izinkulumo zakhe ezingathi shu ziyoba yize.
Abashayiwe bayokhalela amakhekhe amagilebhisi omisiwe aseKhiri-haresethi. +
8 Ngoba amasimu aseHeshibhoni + abunile,
Insimu yamagilebhisi yaseSibhima, +
Ababusi bezizwe bawanyathelile amagatsha ayo abomvu;*
Ayesefinyelela eJazeri; +
Ayesefinyelela ehlane.
Amahlumela awo akhula aze afinyelela olwandle.
9 Yingakho ngizoyikhalela insimu yamagilebhisi yaseSibhima njengoba nje ngikhalela iJazeri.
Ngizokumanzisa ngezinyembezi zami, Heshibhoni nawe Eliyale, +
Ngoba ukumemeza ngenxa yezithelo zakho zasehlobo nangesivuno sakho sekuphelile.*
10 Ukuthokoza nokujabula kususiwe engadini yezithelo,
Azikho izingoma zokujabula noma ukumemeza emasimini amagilebhisi. +
Akukho wayini ezikhamweni zewayini umnyatheli alinyathelayo,
Ngoba ngibangele ukuba ukumemeza kuphele. +
11 Yingakho inhliziyo yami ikhala ngoMowabi, +
Njengokukhala kwehabhu,
Nengaphakathi lami liyakhala ngeKhiri-haresethi. +
12 Ngisho noma uMowabi engazikhathaza endaweni ephakeme, aye kothandaza endlini yakhe engcwele, ngeke afeze lutho. +
13 Leli yizwi uJehova ayelikhulumile ngokuphathelene noMowabi. 14 Manje uJehova uthi: “Phakathi neminyaka emithathu, njengeminyaka yesisebenzi esiqashiwe,* inkazimulo kaMowabi iyohlazeka ngesiyaluyalu esikhulu salo lonke uhlobo, labo abasalayo bayoba mbalwa kakhulu, bangabi namandla.” +