U-Isaya
15 Isimemezelo ngokumelene noMowabi: +
Ngenxa yokuthi linqotshwe ngobusuku obubodwa,
I-Ari + lakwaMowabi lithulisiwe.
Ngenxa yokuthi linqontshwe ngobusuku obubodwa,
IKhiri + lakwaMowabi lithulisiwe.
UMowabi ulilela iNebo + neMedeba. +
Wonke amakhanda aphuciwe, + zonke izintshebe zigundiwe. +
3 Emigwaqweni yalo bagqoke indwangu yesaka.
Phezu kophahla lwezindlu zabo nasezigcawini zabo bonke bayalila;
Bayehla bekhala. +
Yingakho amadoda ahlomile akwaMowabi elokhu ememeza.
Abantu bethukile.
5 Inhliziyo yami iyamkhalela uMowabi.
Ababaleki bakhe babaleke baze bayofika eZowari + nase-Egilathi-shelishiya. +
Bayakhala njengoba bekhuphuka emqanseni waseLuhithe;
Endleleni eya eHoronayimi bayakhala ngenxa yale nhlekelele. +
8 Ngoba ukukhala kuzwakala kuyo yonke indawo yakwaMowabi. +
Isililo sizwakala e-Egilayimu;
Isililo sizwakala eBheri-elimi.
9 Ngoba amanzi aseDimoni agcwele igazi,
Kuningi engikugcinele iDimoni:
Abaphunyukile bakwaMowabi ngibabekele ibhubesi
Kanye nalabo abasele ezweni. +