uJobe
26 UJobe waphendula wathi:
2 “Yeka indlela enimsize ngayo ongenamandla!
Yeka indlela enisindise ngayo ingalo engenamandla! +
3 Yeka iseluleko esihle eneluleke ngaso ontula ukuhlakanipha! +
Indlela enikuveze ngayo ngokukhululekile* ukuhlakanipha* kwenu!
4 Ubani lo enizama ukukhuluma naye,
Futhi ubani onenze nasho lezo zinto?
5 Labo abangenamandla ekufeni bayathuthumela;
Bangaphansi ngisho kolwandle nezinto ezihlala kulo.
7 Welulela isibhakabhaka* endaweni engenalutho, +
Alengise umhlaba phezu kweze;
8 Asonge amanzi emafwini akhe, +
Ukuze amafu angaqhumi ngenxa yokusindwa amanzi;
9 Usitha isihlalo sakhe sobukhosi,
Elulele ifu lakhe phezu kwaso. +
10 Ubeka uphawu oluhlukanisa isibhakabhaka namanzi; +
Wenza umngcele ohlukanisa ukukhanya nobumnyama.
11 Izinsika zezulu ziyandindizela;
Ziyathuthumela lapho ephakamisa izwi lakhe.
12 Unyakazisa ulwandle ngamandla akhe, +
Nangokuqonda kwakhe uphihliza isilwane esesabekayo sasolwandle* sibe izicucu. +
14 Bheka! Lokhu kumane kuyingxenye encane nje yemisebenzi yakhe; +
Yeka ukuthi kuncane kangakanani esikuzwayo ngaye ngezindlebe zethu!
Ngakho ubani ongaqonda indlela enza ngayo izulu lidume ngamandla?” +