U-Isaya
62 Ngenxa yeZiyoni ngeke ngithule, +
Nangenxa yeJerusalema ngeke ngihlale ngithule
Kuze kube yilapho ukulunga kwalo kukhanya njengokukhanya okukhulu +
Nensindiso yalo ivutha njengesibani. +
2 “Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, wena wesifazane, +
Nawo wonke amakhosi abone inkazimulo yakho. +
Uyobizwa ngegama elisha, +
Oyoliqanjwa umlomo kaJehova uqobo.
3 Uyoba ngumqhele omuhle esandleni sikaJehova,
Nomshuqulo wasebukhosini esandleni sikaNkulunkulu wakho.
Kodwa uyobizwa ngokuthi unguNjabulo Yami Ikuye, +
Nezwe lakho ngokuthi Owesifazane Oshadile.
Ngoba uJehova uyojabula ngawe,
Izwe lakho liyoba njengowesifazane oshadile.
5 Njengoba nje insizwa ishada nentombi nto,
Amadodana akho ayokushada.
UNkulunkulu wakho uyojabula ngawe +
Njengoba umkhwenyana ejabula ngomakoti.
6 O Jerusalema, ngimise abalindi phezu kwezindonga zakho.
Usuku lonke nobusuku bonke, njalo, mabangathuli.
Nina enikhuluma ngoJehova,
Maningathuli,
7 Ningathuli aze alimise ngokuqinile iJerusalema,
Yebo, aze alimise njengendumiso emhlabeni.” +
8 UJehova ufunge ngesandla sakhe sokudla nangengalo yakhe enamandla wathi:
“Ngeke ngisanika izitha zakho ukudla kwakho okusanhlamvu ukuba kube ngukudla kwazo,
Abezinye izizwe ngeke besaliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekele. +
9 Kodwa ukudla okusanhlamvu kuyodliwa yilabo abakubuthayo futhi bayomdumisa uJehova;
Nalabo abaqoqa iwayini bayoliphuzela emagcekeni ami angcwele.” +
10 Phumani, phumani ngamasango,
Lungiselani abantu indlela. +
Yakhani, yakhani umgwaqo omkhulu.
Susani amatshe kuwo. +
Phakamiselani izizwe isibonakaliso. *+
11 Bhekani! UJehova umemezele emikhawulweni yomhlaba wathi:
“Thanini endodakazini yaseZiyoni,
‘Bheka! Insindiso yakho iyeza. +
Bheka! Uphethe umvuzo wakhe,
Nenkokhelo ayikhokhayo iphambi kwakhe.’ ” +