U-Isaya
64 Ukube wawudabule amazulu wehla,
Ukuze izintaba zizamazame ngenxa yakho,
2 Njengalapho umlilo wokhela amahlahla,
Nanjengalapho umlilo ubilisa amanzi,
Khona-ke izitha zakho beziyolazi igama lakho,
Nezizwe beziyothuthumela phambi kwakho!
3 Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingathembi ukuthi sizozibona, +
Wehla, izintaba zazamazama phambi kwakho. +
4 Kusukela kudala akekho noyedwa ozwile noma onakile,
Alikho iso elibone omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho,
Bheka! Wathukuthela lapho silokhu sona, +
Lokhu sakwenza isikhathi eside.
Ingabe manje kufanele sisindiswe?
6 Sonke sesinjengomuntu ongahlanzekile,
Zonke izenzo zethu zokulunga zinjengengubo yomuntu osesikhathini. +
Sonke sizobuna njengeqabunga,
Iziphambeko zethu ziyosiphephula njengomoya.
7 Akekho obiza igama lakho,
Akekho oshukumiseleka ukuba abambelele kuwe,
Ngoba usifihlele ubuso bakho, +
8 Kodwa Jehova, wena unguBaba wethu. +
Sicela usibheke, ngoba sonke singabantu bakho.
10 Amadolobha akho angcwele asephenduke ihlane,
IZiyoni seliyihlane,
IJerusalema selingamanxiwa. +
11 Indlu* yethu yobungcwele nenkazimulo,*
Lapho okhokho bethu ababekudumisa khona,
Ishiswe ngomlilo, +
Zonke izinto esasizithanda seziyincithakalo.
12 Ngenxa yalokhu, ingabe uyoqhubeka uzibambile Jehova?
Ingabe uyohlala uthule, usiyeke sihlushwe kabuhlungu kangaka? +