UHoseya
3 Kodwa yimi owacathulisa u-Efrayimi, + ngimbeka ezingalweni zami; +
Akazange avume ukuthi ngamphulukisa.
4 Uthando nomusa + ngakusebenzisa njengentambo* ukuze ngimdonsele kimi;
Nganginjengomuntu osusa ijoka emihlathini yakhe,
Ngobumnene ngaletha ukudla kumuntu ngamunye.
5 Ngeke abuyele ezweni laseGibhithe, kodwa i-Asiriya liyoba inkosi yakhe, +
Ngoba benqabile ukubuyela kimi. +
6 Inkemba iyophenduphenduka imelane namadolobha akhe +
Iphule imigoqo yakhe iyishwabadele ngenxa yamacebo akhe. +
7 Isizwe sami sizimisele ukungathembeki kimi. +
Nakuba basibizela phezulu,* akekho ovukayo.
8 Ngingakudela kanjani Efrayimi? +
Nginganikela kanjani ngawe Israyeli?
Ngingakuphatha kanjani njenge-Adima?
Ngingakwenza kanjani ube njengeZebhoyimi? +
9 Ngeke ngiyikhiphe intukuthelo yami evuthayo.
Ngeke ngiphinde ngimbhubhise u-Efrayimi, +
Ngoba nginguNkulunkulu angiyena umuntu,
ONgcwele phakathi kwakho;
Ngeke ngimelane nawe ngolaka.
10 Bayolandela uJehova, uyobhonga njengebhubesi; +
Lapho ebhonga, amadodana akhe ayofika ethuthumela evela entshonalanga. +