UHoseya
Kodwa waba necala ngokuphathelene noBhali + futhi wafa.
2 Manje bayanezela esonweni sabo
Benza izithombe zensimbi* ngesiliva labo; +
Benza izithixo ngobuchule, wonke umsebenzi wezingcweti.
Bathi kuzo, ‘Abantu abenza imihlatshelo mabaqabule amathole.’ +
3 Ngakho-ke bayoba njengamafu asekuseni,
Njengamazolo aphela ekuseni,
Njengamakhoba apheshulwa umoya onamandla esibuyeni,
Nanjengentuthu ephuma embotsheni yophahla.
4 Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kusukela ezweni laseGibhithe; +
Akukho Nkulunkulu owawumazi ngaphandle kwami,
Ngaphandle kwami akukho msindisi. +
5 Ngakwazi ehlane, + ezweni lesomiso.
Ngakho bangikhohlwa. +
8 Ngizobathelekela njengebhere elilahlekelwe amawundlu alo,
Ngizodabula isifuba sabo sivuleke.
Ngizobashwabadela lapho njengebhubesi;
Isilwane sasendle sizobadwengula babe izicucu.
9 Sizokuqothula Israyeli,
Ngoba wangijikela, wamelana nomsizi wakho.
10 Iphi-ke inkosi yakho, ukuze ikusindise kuwo wonke amadolobha akho, +
Nababusi* bakho, owathi ngabo kimi,
‘Nginike inkosi nezikhulu’? +
12 Isiphambeko sika-Efrayimi sisongiwe;
Isono sakhe sigciniwe.
13 Imihelo yokubeletha izomfikela.
Kodwa uyingane engahlakaniphile;
Lapho sekuyisikhathi sokuba izalwe ayifuni ukuphuma.
Luphi udosi lwakho Kufa? +
Iphi imbubhiso yakho Thuna? +
Ngeke ngilubonise uzwela.
15 Ngisho noma angachuma phakathi kwemihlanga,
Kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova,
Uvela ehlane ukuze womise umthombo wakhe ushise nesiphethu sakhe.
Lowo uyophanga ingcebo eyizo zonke izinto zakhe eziyigugu. +
16 ISamariya liyobekwa icala, + ngoba lidlubulundile kuNkulunkulu walo. +
Liyowa ngenkemba, +
Abantwana balo bayophihlizwa babe izicucu,
Nabesifazane balo abakhulelwe bayoqhaqhwa bavuleke.”