Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo. Ingoma.
67 UNkulunkulu uyosibonisa umusa asibusise;
Uyosibonisa ubuhle bakhe + (Sela)
2 Ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni wonke, +
Izenzo zakho zensindiso zaziwe ezizweni zonke. +
3 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;
Zonke izizwe mazikudumise.
4 Izizwe mazithokoze zimemeze ngenjabulo, +
Ngoba uyokwahlulela izizwe ngobulungisa. +
Izizwe zomhlaba uyoziqondisa. (Sela)
5 O Nkulunkulu, izizwe mazikudumise;
Zonke izizwe mazikudumise.
6 Umhlaba uyothela umkhiqizo wawo; +
UNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa. +
7 UNkulunkulu uyosibusisa,
Abantu bakuyo yonke imikhawulo yomhlaba bayomesaba. +