UJeremiya
Kodwa kungani ababi bephumelela, +
Kungani abakhohlisayo bengakhathazekile?
2 Ubatshalile, bamile izimpande.
Bakhulile, bathela izithelo.
Bakhuluma kahle ngawe, kodwa abanandaba nawe. +
Bakhethe njengezimvu ezizohlatshwa,
Ubahlukanisele usuku lokubabulala.
Ngenxa yobubi balabo abahlala kulo
Izilwane nezinyoni zikhukhuliwe.
Ngoba bathe: “Akakuboni okuzokwenzeka kithi.”
Uzizwa uphephile ezweni lokuthula.
Kodwa uyokwenzenjani uma uphakathi kwamahlathi agudle iJordani?
Bamemeze kakhulu ngokumelene nawe.
Ungathembeli kubo,
Ngisho noma bekutshela izinto ezinhle.
7 “Ngiyishiyile indlu yami; + ngililahlile ifa lami. +
Nginikele engimthandayo* ezitheni zakhe. +
8 Ifa lami selifana nebhubesi ehlathini.
Isizwe sami sibhongile ngokumelene nami.
Ngakho sengiyasizonda.
9 Ifa lami linjengenyoni emabalabala* edla inyama;
Ezinye izinyoni ezidla inyama ziyizungezile zayihlasela. +
Wozani, buthanani, nonke nina zilwane zasendle,
Wozani nizodla. +
Izwe lami baliphendule ihlane elingenamuntu.
11 Seliyihlane eliyincithakalo.
Izwe lonke lenziwe incithakalo,
Kodwa akukho muntu onakile. +
12 Abaphangi beze ngazo zonke izindlela ezibhudulekile ezidabula ehlane,
Ngoba inkemba kaJehova ishwabadela kusukela komunye umkhawulo wezwe kuya komunye umkhawulo. +
Akekho umuntu onokuthula.
13 Batshale ukolweni, kodwa bavuna ameva. +
Bazikhandle kakhulu, kodwa abazuzanga lutho.
Bayoba namahloni ngesivuno sabo
Ngenxa yentukuthelo kaJehova evuthayo.”
14 Yilokhu uJehova akushoyo kubo bonke omakhelwane bami ababi, abathinta ifa engalinika abantu bami u-Israyeli ukuba balidle: + “Ngiyabasiphula ezweni labo, + ngizoyisiphula indlu kaJuda phakathi kwabo. 15 Kodwa ngemva kokubasiphula, ngizophinde ngibabonise umusa, ngamunye ngimbuyisele efeni lakhe nasezweni lakhe.”
16 “Uma nakanjani befunda izindlela zabantu bami futhi befunga igama lami, bethi, ‘Ngimfunge uJehova!’ njengoba nje befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayochuma phakathi kwabantu bami. 17 Kodwa uma bengalaleli, nami ngiyosisiphula leso sizwe, ngisisiphule ngisibhubhise,” kusho uJehova. +