Numeri
5 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 2 “Yala ama-Israyeli ukuba akhiphele ngaphandle kwekamu wonke umuntu onochoko + nawo wonke umuntu ophuma ukungcola esithweni sangasese + nawo wonke umuntu ongcoliswe umuntu* oshonile. + 3 Kungakhathaliseki ukuthi owesilisa noma owesifazane, kufanele nibakhiphele ngaphandle. Kufanele nibakhiphele ngaphandle kwekamu, ukuze bangangcolisi + amakamu alabo engihlala phakathi kwabo.” *+ 4 Ngakho ama-Israyeli enza kanjalo, abakhiphela ngaphandle kwekamu. Njengoba nje uJehova ayemtshelile uMose, enza kanjalo nje ama-Israyeli.
5 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 6 “Khuluma nama-Israyeli uthi, ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza noma yisiphi isono kwezenziwa abantu futhi enza isenzo sokungathembeki kuJehova, lowo muntu usenecala. + 7 Kumele asivume *+ isono asenzile,* abuyisele inani eliphelele libe isinxephezelo secala lakhe bese enezela okwesihlanu kwalelo nani; + akunike lowo amonile. 8 Kodwa uma owoniwe engenaso isihlobo esiseduze esingamukela isinxephezelo, kufanele sibuyiselwe kuJehova sibe esompristi, ngaphandle kwenqama yokuhlawulelwa ayomenzela ngayo isihlawulelo. +
9 “‘Wonke umnikelo + ongcwele ovela kuma-Israyeli olethwa kumpristi kufanele kube owakhe. + 10 Izinto ezingcwele zomuntu ngamunye ziyohlala zingezakhe. Noma yini umuntu ayinika umpristi, leyo nto iyoba eyompristi.’”
11 UJehova waqhubeka wakhuluma noMose, wathi: 12 “Khuluma nama-Israyeli uthi kuwo, ‘Nakhu okufanele kwenziwe uma noma iyiphi inkosikazi yendoda iphambuka ingathembeki kuyo 13 futhi enye indoda ilala nayo, + kodwa umyeni wayo engazi futhi kuhlale kungaziwa, nokho owesifazane yena ezingcolisile kodwa kungekho fakazi, engazange abanjwe: 14 Kungakhathaliseki ukuthi umyeni unesikhwele nezinsolo ngokwethembeka komkakhe lapho ezingcolisile, noma unesikhwele nezinsolo ngokwethembeka komkakhe lapho engazingcolisanga, 15 leyo ndoda kumele ilethe umkayo kumpristi, ilethe nomnikelo womkayo, okweshumi kwe-efa* likafulawa webhali. Akumele ithele amafutha kuwo noma ifake inhlaka yempepho kuwo, ngoba kungumnikelo wokudla okusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokudla okusanhlamvu oyisikhumbuzo ngecala.
16 “‘Umpristi uyomsondeza phambili lona wesifazane, ammise phambi kukaJehova. + 17 Umpristi uyothatha amanzi angcwele ngesitsha sobumba, athathe uthuli phansi etabernakele alufake emanzini. 18 Umpristi uyomisa lona wesifazane phambi kukaJehova, asuse iduku lokushuqula ekhanda lowesifazane, abeke ezandleni zowesifazane umnikelo wokudla okusanhlamvu wesikhumbuzo, okuwukuthi, umnikelo wokudla okusanhlamvu wesikhwele, + futhi umpristi uyoba namanzi ababayo esiqalekiso esandleni sakhe. +
19 “‘Umpristi uyobe esemfungisa owesifazane, athi kuye: “Uma kungekho ndoda elale nawe njengoba ushade nomyeni wakho + futhi ungazange uphambuke wazingcolisa, kwangathi ungakhululeka emphumeleni wala manzi ababayo esiqalekiso. 20 Kodwa uma uphambukile njengoba ushade nomyeni wakho ngokuzingcolisa, futhi uye walala nenye indoda + engeyena umyeni wakho—” 21 Umpristi uyobe esefungisa lona wesifazane isifungo esinesiqalekiso, athi kowesifazane: “Kwangathi uJehova angenza ukuba igama lakho lisetshenziswe lapho kuqalekiswa nalapho kufungwa phakathi kwabantu bakini, njengoba uJehova enza ukuba ithanga* lakho liwe* nesisu sakho sikhukhumale. 22 La manzi esiqalekiso ayongena emathunjini akho ukuze enze isisu sakho sikhukhumale nethanga* lakho liwe.”* Owesifazane kufanele athi: “Amen! Amen!”*
23 “‘Umpristi kufanele azibhale encwadini lezi ziqalekiso, azesulele emanzini ababayo. 24 Uyobe esephuzisa lona wesifazane lawo manzi, angene ngaphakathi kuye ambangele ubuhlungu. 25 Umpristi kufanele athathe umnikelo wokudla okusanhlamvu wesikhwele + esandleni sowesifazane, awuzulise phambi kukaJehova futhi awusondeze e-altare. 26 Umpristi uyocaphuna umnikelo wokudla okusanhlamvu njengomelela wonke umnikelo, awushunqise phezu kwe-altare, + ngemva kwalokho aphuzise lona wesifazane la manzi. 27 Lapho emphuzisa la manzi, uma eye wazingcolisa futhi wenza isenzo sokungathembeki kumyeni wakhe, amanzi esiqalekiso ayongena ngaphakathi kuye ambangele ubuhlungu, isisu sakhe siyokhukhumala, ithanga* lakhe liwe,* lona wesifazane kumele abe isiqalekiso phakathi kwabantu bakubo. 28 Nokho, uma owesifazane engazange azingcolise futhi ehlanzekile, uyobe esekhululeka esijezisweni esinjalo, uyokwazi ukukhulelwa abe nabantwana.
29 “‘Nawu umthetho ophathelene nesikhwele, + lapho owesifazane engase aphambuke njengoba eshade nomyeni wakhe, 30 noma lapho indoda iba nesikhwele nezinsolo zokuthi umkayo akathembekile kuyo; kufanele imise umkayo phambi kukaJehova, umpristi kumele enze wonke lo mthetho kuye. 31 Indoda ngeke ibe necala, kodwa umkayo uyophendula ngenxa yecala lakhe.’”