UJeremiya
43 Lapho uJeremiya eseqedile ukutshela bonke abantu wonke la mazwi ayevela kuJehova uNkulunkulu wabo, wonke amazwi uJehova uNkulunkulu wabo ayemthume ukuba abatshele wona, 2 u-Azariya indodana kaHoshaya, uJohanani + indodana kaKhareya nawo wonke amadoda agabadelayo bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga! UJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi, ‘Ningayi eGibhithe ukuba niyohlala khona.’ 3 Kodwa nguBharuki + indodana kaNeriya okushoshozelayo ukuze usinikele kumaKhaledi, ukuze asibulale noma asidingisele eBhabhiloni.” +
4 Ngakho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova lokuba baqhubeke behlala ezweni lakwaJuda. 5 Kunalokho, uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho empi bathatha bonke abantu ababesele kwaJuda ababebuyile bazohlala ezweni lakwaJuda bevela kuzo zonke izizwe ababehlakazelwe kuzo. + 6 Bathatha amadoda, abesifazane, abantwana, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu uNebuzaradani + induna yonogada ayebashiye noGedaliya + indodana ka-Ahikamu + indodana kaShafani, + bathatha noJeremiya umprofethi noBharuki indodana kaNeriya. 7 Baya ezweni laseGibhithe, ngoba abazange balilalele izwi likaJehova, bahamba baze bafika eThahipanehesi. +
8 Izwi likaJehova lafika kuJeremiya eThahipanehesi, lathi: 9 “Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu, uwafihle esitubhini sezitini uwamboze ngodaka phambi komnyango wesigodlo sikaFaro eThahipanehesi phambi kwamadoda angamaJuda. 10 Ngemva kwalokho uthi kuwo, ‘Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Bhekani ngibiza uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, inceku yami, + ngiyobeka isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwala matshe engiwafihlile, uyobusa phezu kwawo. + 11 Uyoza alihlasele izwe laseGibhithe. + Noma ngubani ofanelwe yisifo esibulalayo uyobulawa yisifo esibulalayo, noma ngubani ofanelwe ngukuthunjwa uyothunjwa, noma ngubani ofanelwe yinkemba uyofa ngenkemba. + 12 Ngiyozishisa ngomlilo izindlu* zonkulunkulu baseGibhithe, + uyozishisa, bona abathumbe. Uyozisonga ngezwe laseGibhithe njengoba nje umalusi ezisonga ngengubo yakhe, uyophuma lapho ngokuthula.* 13 Uyoziphihliza zibe yizicucu izinsika zaseBheti-shemeshi* ezweni laseGibhithe, ashise izindlu* zonkulunkulu baseGibhithe ngomlilo.” ’ ”