Eksodusi
31 UJehova wakhuluma noMose, wathi: 2 “Bheka, ngikhethe* uBhezaleli + indodana ka-Uri indodana kaHure wesizwe sakwaJuda. + 3 Ngizomgcwalisa ngomoya wami,* ngimnike ukuhlakanipha, ukuqonda nolwazi lwazo zonke izinhlobo zobungcweti, 4 ukuze akwazi ukuklama izinto, asebenze ngegolide, ngesiliva nangethusi, 5 asike futhi asebenze ngamatshe, + enze zonke izinhlobo zezinto ezenziwa ngokhuni. + 6 Ngaphezu kwalokho, ukuze ngimsize, ngibeke u-Oholiyabe + indodana ka-Ahisamaki wesizwe sakwaDani, futhi ngifaka ukuhlakanipha enhliziyweni yabo bonke abanekhono* ukuze benze konke engikuyale ngakho: + 7 itende lokuhlangana, + umphongolo wobuFakazi + nesivalo + esikuwo, nazo zonke izinto zetende, 8 itafula + nezinto zalo, uthi lwesibani lwegolide elihlanzekile nazo zonke izinto zalo, + i-altare lempepho, + 9 i-altare lomnikelo oshiswayo + nazo zonke izinto zalo, indishi nento ehlala kuyo, + 10 izingubo ezilukiwe ezisezingeni eliphezulu, izingubo ezingcwele zika-Aroni umpristi, izingubo zamadodana akhe azoba abapristi, + 11 amafutha okugcoba nempepho enamakha yendlu engcwele. + Bazokwenza konke engikuyale ngakho.”
12 UJehova wathi futhi kuMose: 13 “Khuluma nama-Israyeli, uthi, ‘Kufanele nigcine ikakhulukazi amasabatha ami, + ngoba awuphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuze nazi ukuthi mina Jehova ngiyaningcwelisa. 14 Kumele nigcine iSabatha ngoba liyinto engcwele kini. + Noma ubani olingcolisayo kumele abulawe. Uma kuba khona osebenzayo ngalo, lowo muntu* kumele abulawe. *+ 15 Kungasetshenzwa izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa yisabatha lokuphumula ngokuphelele. + Liyinto engcwele kuJehova. Noma ubani osebenza ngosuku lweSabatha kumele abulawe. 16 Ama-Israyeli kumele agcine iSabatha; kumele agcine iSabatha nazo zonke izizukulwane zawo. Liyisivumelwano saphakade. 17 Liwuphawu kuze kube phakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, + ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza amazulu nomhlaba, kwathi ngosuku lwesikhombisa wayeka ukusebenza waphumula.’” +
18 Kwathi nje lapho eseqedile ukukhuluma naye eNtabeni iSinayi, wanika uMose amatshe amabili ayizicaba obuFakazi, + amatshe ayizicaba abhalwe ngomunwe kaNkulunkulu. +