UNehemiya
8 Bonke abantu babuthana ngobunye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi, + batshela u-Ezra + umkopishi* ukuba alethe incwadi yoMthetho KaMose, + uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli. + 2 Ngakho ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa, + u-Ezra umpristi wawuletha uMthetho phambi kwebandla + lamadoda, abesifazane kanye nabo bonke ababekwazi ukuqonda lokho okwakushiwo. 3 Wawufunda ngokuzwakalayo + emi esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuntweleni kokusa kwaze kwaba semini bebade, ewufundela amadoda, abesifazane kanye nabo bonke ababekwazi ukuqonda; abantu bayilalelisisa + incwadi yoMthetho. 4 U-Ezra umkopishi* wayemi endaweni yesikhulumi eyenziwe ngepulangwe yenzelwe leso senzakalo; ngakwesokudla sakhe kwakumi uMatithiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; kwesobunxele sakhe kumi uPhedaya, uMishayeli, uMalikhiya, + uHashumi, uHashi-badana, uZakariya noMeshulamu.
5 U-Ezra wavula incwadi phambi kwawo wonke umuntu ngoba wayesendaweni ephakeme kunabo bonke abantu. Njengoba ayeyivula, bonke abantu basukuma. 6 U-Ezra wabe esedumisa uJehova uNkulunkulu weqiniso oMkhulu, bonke abantu bathi, “Amen!* Amen!” + baphakamisa izandla zabo. Ngemva kwalokho baguqa phambi kukaJehova, bakhothama emhlabathini. 7 UJeshuwa, uBhani, uSherebiya, + uJamini, u-Akhubi, uShabhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKelitha, u-Azariya, uJozabhadi, + uHanani noPhelaya, ababengamaLevi, babechazela abantu uMthetho, + abantu bemile. 8 Baqhubeka beyifunda ngokuzwakalayo incwadi, uMthetho kaNkulunkulu weqiniso, bewuchaza kahle futhi bewucacisa; ngaleyo ndlela babasiza abantu ukuba bakuqonde lokho okwakufundwa. *+
9 UNehemiya owayengundunankulu* ngaleso sikhathi, u-Ezra + umpristi nomkopishi* kanye namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubo bonke abantu: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu. + Ningadabuki noma nikhale.” Ngoba bonke abantu babekhala njengoba bezwa amazwi oMthetho. 10 UNehemiya wathi kubo: “Hambani nidle ukudla kwekhethelo* niphuze okumnandi, nithumele ukudla + nakulabo abangenalutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu, ningadangali, ngoba injabulo kaJehova iyisiphephelo senu.”* 11 AmaLevi ayethulisa bonke abantu, ethi: “Thulani! ngoba lolu suku lungcwele, ningadangali.” 12 Ngakho bonke abantu bahamba ukuze bayokudla, baphuze, baphane ukudla futhi bajabule kakhulu, + ngoba babewaqondile amazwi ababewatsheliwe. +
13 Ngosuku lwesibili, izinhloko zemindeni yabo bonke abantu, abapristi kanye namaLevi, babuthana ndawonye ku-Ezra umkopishi* ukuze bawaqonde kabanzi amazwi oMthetho. 14 EMthethweni uJehova ayewunike uMose bathola kulotshwe ukuthi ama-Israyeli kufanele ahlale emadokodweni* ngomkhosi oba ngenyanga yesikhombisa, + 15 nokuthi kumele amemezele + futhi akhiphe isaziso kuwo wonke amadolobha awo nakulo lonke iJerusalema, athi: “Phumani niye ezintabeni niyokha amagatsha anamaqabunga* ezihlahleni zomnqumo, ezihlahleni zikaphayini, ezihlahleni zombomvana nezesundu kanye namagatsha anamaqabunga* ezinye izihlahla ukuze nenze amadokodo, ngokuvumelana nalokho okulotshiwe.”
16 Abantu baphuma bawalanda ukuze bazenzele amadokodo, yilowo nalowo phezu kophahla lwakhe, emagcekeni emizi yabo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu weqiniso, + esigcawini seSango Lamanzi + nasesigcawini seSango Lika-Efrayimi. + 17 Kanjalo lonke ibandla lalabo ababebuyile bevela ekuthunjweni lenza amadokodo lahlala kuwo, ngoba ama-Israyeli ayengakaze akwenze lokhu kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa + indodana kaNuni kuze kube yilolo suku, okwaletha injabulo enkulu. + 18 Usuku nosuku kwakufundwa incwadi yoMthetho kaNkulunkulu weqiniso, + kusukela ngosuku lokuqala kwaze kwaba usuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku luka-8 kwaba nomhlangano onokuthula, njengoba kwakuyaliwe. +