UMika
Akufanele yini nazi okuwubulungisa?
2 Kodwa niyakuzonda okuhle, + nithanda okubi; +
Nihlubula abantu bami isikhumba, nisuse nenyama emathanjeni abo. +
3 Nidla nenyama yabantu bami, +
Nihlubule isikhumba sabo,
Niphule amathambo abo abe yizicucu, +
Njengalokho okuphekwe ebhodweni, njengenyama esebhodweni lokupheka.
4 Ngaleso sikhathi bayocela usizo kuJehova,
Kodwa ngeke abaphendule.
5 Yilokhu uJehova akushoyo ngokumelene nabaprofethi abadukisa abantu bami, +
Abamemeza bathi, ‘Ukuthula!’ + uma kukhona abakuhlafunayo *+
Kodwa balungele ukulwa* nomuntu ongafaki lutho emilonyeni yabo:
Abaprofethi bayoshonelwa ilanga,
Nosuku luyoba mnyama kubo. +
Bonke kuyomelwe bamboze amadevu*
Ngoba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.’ ”
8 Kodwa mina ngigcwele amandla ngenxa yomoya kaJehova,
Ngigcwele nobulungisa nezikhwepha
Ukuze ngitshele uJakobe ukuvukela kwakhe no-Israyeli isono sakhe.
9 Ngicela nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe
Nani balawuli bendlu ka-Israyeli, +
Enizonda ubulungisa nenenza yonke into eqondile ibe egwegwile, +
10 Enakha iZiyoni ngokuchitha igazi neJerusalema ngokungalungi. +
11 Abaholi* bakhe bahlulela ngenjongo yokuthola isifumbathiso, +
Abapristi bakhe bafundisa ngenjongo yokuthola imali, +
Nokho bancika kuJehova,* bethi:
“UJehova akekho yini phakathi kwethu? +
Akukho nhlekelele ezosehlela.” +