UZakariya
6 Ngaphinde ngaphakamisa amehlo ami ngabona izinqola ezine ziphuma phakathi kwezintaba ezimbili, lezi zintaba kwakungezethusi. 2 Inqola yokuqala yayidonswa amahhashi abomvu, inqola yesibili idonswa amahhashi amnyama. + 3 Inqola yesithathu yayidonswa amahhashi amhlophe, inqola yesine idonswa amahhashi amabhadubhadu namibalabala. +
4 Ngabuza ingelosi eyayikhuluma nami ngathi: “Kuyini lokhu, nkosi yami?”
5 Ingelosi yangiphendula yathi: “Lena yimimoya emine + yamazulu ephumayo ekade imi phambi kweNkosi yomhlaba wonke. + 6 Leyo* enamahhashi amnyama iyaphuma iya ezweni lasenyakatho; + amhlophe ayaphuma aya ngaphesheya kolwandle; amabhadubhadu ayaphuma aya ezweni laseningizimu. 7 Amibalabala ayezimisele ukuphuma azulazule emhlabeni.” Khona-ke yathi: “Hambani, nizulazule emhlabeni.” Aqala ukuzulazula emhlabeni.
8 Yangimemeza yathi: “Bheka, lawo aya ezweni lasenyakatho abangele ukuba umoya kaJehova uhlale ezweni lasenyakatho.”
9 Izwi likaJehova labuye lathi kimi: 10 “Thatha kuHelidayi, uThobiya nakuJedaya izinto ababuye nazo kubantu abadingisiwe; ngalolo suku kumele uye endlini kaJosiya indodana kaZefaniya kanye nalaba bantu abavela eBhabhiloni. 11 Kufanele uthathe isiliva negolide wenze umqhele* uwubeke ekhanda likaJoshuwa + umpristi ophakeme, indodana kaJehozadaki. 12 Uthi kuye,
“ ‘Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Nangu umuntu ogama lakhe linguHlumela. + Uyohluma esendaweni yakhe futhi uyokwakha ithempeli likaJehova. + 13 Nguye oyokwakha ithempeli likaJehova, futhi nguye oyothola isithunzi. Uyohlala esihlalweni sakhe sobukhosi abuse, aphinde abe ngumpristi esihlalweni sakhe sobukhosi, + uyoziphatha zombili lezi zikhundla ukuze kube nokuthula.* 14 Umqhele* uyoba yisikhumbuzo kuHelemu, uThobija, uJedaya + noHeni indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova. 15 Labo abakude bayofika babambe iqhaza ekwakhiweni kwethempeli likaJehova.” Nina niyokwazi ukuthi uJehova wamabutho ungithumile kini. Lezi zinto zizokwenzeka—uma nakanjani niyolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.’ ”