Genesise
26 Manje kwaba khona indlala ezweni, ngaphandle kwendlala yokuqala eyaba khona ezinsukwini zika-Abrahama, + kangangokuthi u-Isaka waya ku-Abhimeleki inkosi yamaFilisti, eGerari. 2 Ngemva kwalokho uJehova wabonakala kuye wathi: “Ungehleli eGibhithe. Hlala ezweni engikubonisa lona. 3 Hlala kuleli zwe, + ngizoqhubeka nginawe ngikubusise ngoba wonke la mazwe ngizowanika + wena nenzalo* yakho futhi ngiyosifeza isifungo engasenza kuyihlo u-Abrahama: + 4 ‘Ngiyokwandisa inzalo* yakho ibe ngangezinkanyezi zamazulu; + wonke la mazwe ngiyowanika inzalo* yakho; + ngenzalo* yakho zonke izizwe zomhlaba ziyozitholela isibusiso,’ + 5 ngenxa yokuthi u-Abrahama walalela izwi lami waqhubeka egcina engikufunayo, imiyalo yami, izimiso zami nemithetho yami.” + 6 Ngakho u-Isaka waqhubeka ehlala eGerari. +
7 Lapho amadoda akuleyo ndawo elokhu ebuza ngomkakhe, wayethi: “Ungudadewethu.” + Wayesaba ukuthi, “Ungumkami,” ngoba wathi, “Amadoda akule ndawo angase angibulale ngenxa kaRebheka,” ngoba wayemuhle. + 8 Ngemva kwesikhathi esithile, u-Abhimeleki inkosi yamaFilisti wayelunguza ngefasitela, wabona u-Isaka ebonisa uRebheka umkakhe uthando.* + 9 Ngaso leso sikhathi u-Abhimeleki wabiza u-Isaka wathi: “Empeleni umkakho lo! Kungani uthe, ‘Ungudadewethu’?” U-Isaka waphendula wathi kuye: “Ngisho kanjalo ngoba ngesaba ukuthi ngingase ngife ngenxa yakhe.” + 10 Kodwa u-Abhimeleki wathi: “Yini le osenze yona? + Bekungaba lula ukuba omunye wabantu alale nomkakho, ubuzobe usilethele icala!” + 11 U-Abhimeleki wabe eseyala bonke abantu, wathi: “Noma ubani othinta le ndoda nomkayo uyobulawa nakanjani!”
12 U-Isaka waqala ukuhlwanyela imbewu kulelo zwe, ngalowo nyaka lokho akutshala wakuvuna ngokuphindwe izikhathi eziyikhulu, ngoba uJehova wayembusisa. + 13 Lo muntu waceba, waqhubeka echuma kwaze kwaba yilapho esecebe kakhulu. 14 Waba nemihlambi yezimvu, imihlambi yezinkomo nezinceku eziningi kakhulu, + amaFilisti aqala ukumfela umona.
15 Ngakho amaFilisti athatha umhlabathi ayigqiba yonke imithombo izinceku zikayise ezaziyimbile ezinsukwini zika-Abrahama. + 16 U-Abhimeleki wabe esethi ku-Isaka: “Suka, ungabe usakhelana nathi, ngoba usunamandla kakhulu kunathi.” 17 Ngakho u-Isaka wasuka lapho wagxumeka itende lakhe esigodini* saseGerari, + wahlala khona. 18 U-Isaka waphinde wayimba imithombo eyayimbiwe ezinsukwini zikayise u-Abrahama kodwa eyayigqitshwe amaFilisti ngemva kokufa kuka-Abrahama, + wayiqamba ngamagama uyise ayeyiqambe wona. +
19 Lapho izinceku zika-Isaka zimba esigodini,* zathola umthombo wamanzi ahlanzekile. 20 Abelusi baseGerari baqala ukuxabana nabelusi baka-Isaka, bethi: “Awethu la manzi!” Ngakho waqamba lowo mthombo ngokuthi i-Esekhi,* ngoba babexabane naye. 21 Bamba omunye umthombo, baphinde baxabana nangawo. Ngakho wawuqamba ngokuthi iSitina.* 22 Kamuva wasuka lapho wamba omunye umthombo, kodwa abaxabananga ngawo. Ngakho wawuqamba ngokuthi iRehobhoti,* wathi: “Kungenxa yokuthi manje uJehova usinike indawo eyanele futhi usandisile ezweni.” +
23 Ngemva kwalokho wasuka lapho wakhuphukela eBheri-sheba. + 24 Ngalobo busuku uJehova wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abrahama + uyihlo. Ungesabi + ngoba nginawe, ngizokubusisa ngandise inzalo* yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.” + 25 Wakha i-altare lapho wamemezela igama likaJehova. + U-Isaka wagxumeka itende lakhe lapho, + nezinceku zakhe zamba umthombo lapho.
26 Kamuva u-Abhimeleki weza kuye evela eGerari ehamba nomeluleki wakhe u-Ahuzati noFikoli induna yebutho lakhe. + 27 U-Isaka wathi kubo: “Nizokwenzani kimi ngoba naningizonda futhi nangixosha ukuba ngingabe ngisakhelana nani?” 28 Bona bathi: “Sibone ngokucacile ukuthi uJehova ubelokhu enawe. + Ngakho sithe, ‘Sicela kube khona isifungo esiphakathi kwethu nawe futhi masenze isivumelwano nawe + 29 sokuthi ngeke wenze lutho olubi kithi njengoba nje nathi singazange sikulimaze, njengoba senze okuhle kodwa kuwe sakuhambisa ngokuthula. Manje wena ungobusisiwe kaJehova.’” 30 Wabe esebenzela idili, badla baphuza. 31 Bavuka kusesekuseni kakhulu, bafunga omunye komunye. + Ngemva kwalokho u-Isaka wabahambisa ngokuthula.
32 Ngalolo suku kwafika izinceku zika-Isaka zambikela ngomthombo ezaziwumbile, + zathi kuye: “Sithole amanzi!” 33 Ngakho wawuqamba ngokuthi iShiba. Yingakho igama lalelo dolobha kuyiBheri-sheba + kuze kube namuhla.
34 Lapho u-Esawu eseneminyaka engu-40 ubudala, wathatha uJuditi indodakazi kaBheyeri umHeti waba umkakhe noBhasemati indodakazi ka-Eloni umHeti. + 35 Babeyimbangela yosizi olukhulu* ku-Isaka noRebheka. +