UHoseya
3 Ngemva kwalokho uJehova wathi kimi: “Hamba uphinde uthande owesifazane othandwa enye indoda nophingayo, + njengoba nje uJehova ethanda abantu bakwa-Israyeli + kuyilapho bona bephendukela kwabanye onkulunkulu + futhi bethanda amakhekhe enziwe ngamagilebhisi omisiwe.”*
2 Ngakho ngazithengela yena ngezinhlamvu zesiliva ezingu-15 nangehomere* nangohhafu webhali. 3 Ngabe sengithi kuye: “Uzoqhubeka ungowami izinsuku eziningi. Akumele ufebe,* akumele ulale nenye indoda, nami ngizokwenza okufanayo kuwe.”*
4 Lokhu kungenxa yokuthi abantu bakwa-Israyeli bayohlala isikhathi eside* bengenayo inkosi, + bengenaso isikhulu, bengenawo umhlatshelo, bengenayo insika, bengenayo ne-efodi + nezithixo zamatherafi. *+ 5 Ngemva kwalokho abantu bakwa-Israyeli bayobuya bafune uJehova uNkulunkulu wabo + noDavide inkosi yabo, + bayoza bethuthumela kuJehova nasebuhleni bakhe engxenyeni yokugcina yezinsuku. +