Eyokuqala KwabaseKorinte
5 Empeleni kubikwa ukuziphatha kabi ngokocansi *+ phakathi kwenu, ukuziphatha kabi okunjalo okungekho ngisho naphakathi kwezizwe—ukuthi umuntu othile uhlala nomkayise. *+ 2 Ingabe niyaziqhenya ngakho? Akufanele yini ngabe niyalila, + ukuze lo muntu owenze lesi senzo asuswe phakathi kwenu? + 3 Nakuba ngingekho ngokoqobo,* ngikhona ngomoya, sengimahlulele kakade umuntu owenze lokhu, njengokungathi nginani. 4 Lapho nihlangene ndawonye egameni leNkosi yethu uJesu futhi nazi ukuthi nginani ngomoya kanye namandla eNkosi yethu uJesu, 5 umuntu onjalo kumele nimnikele kuSathane + ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi. +
6 Ukuziqhayisa kwenu akukuhle. Anazi yini ukuthi imvubelo encane iyibilisa* yonke inhlama? + 7 Susani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengoba nje ningenayo imvubelo. Ngoba ngempela, uKristu imvu yePhasika lethu + wenziwe umhlatshelo. + 8 Ngakho masiwugcine lo mkhosi, + hhayi ngemvubelo endala noma ngemvubelo yobubi nokukhohlakala, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho nangeqiniso.
9 Encwadini yami nganibhalela ukuthi niyeke ukuzihlanganisa* nabantu abaziphatha kabi ngokocansi,* 10 ngingasho ukuba niyeke ngokuphelele ukuzihlanganisa nabantu abaziphatha kabi ngokocansi* baleli zwe + noma abahahayo nabaphangi noma abakhonza izithombe. Ukube bekunjalo, bekuyodingeka ukuba empeleni niphume ezweni. + 11 Kodwa manje nginibhalela ukuba niyeke ukuzihlanganisa *+ nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane ebe eziphatha kabi ngokocansi* noma engumuntu ohahayo + noma okhonza izithombe noma othuka inhlamba* noma isidakwa + noma umphangi, + ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo. 12 Ngoba ngihlangene ngani nokwahlulela abangaphandle? Nina anahluleli yini abangaphakathi, 13 kuyilapho uNkulunkulu ahlulela abangaphandle? + “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” +