Genesise
10 Lona umlando wamadodana kaNowa, uShemi, + uHamu noJafete.
Azala amadodana ngemva kukaZamcolo. + 2 Amadodana kaJafete kwakunguGomere, + uMagogi, + uMadayi, uJavani, uThubhali, + uMesheke + noTirase. +
3 Amadodana kaGomere kwakungu-Ashikenaze, + uRifate noThogarma. +
4 Amadodana kaJavani kwakungu-Elishahi, + uTharishishi, + uKitimi + noDodanimi.
5 Abantu baseziqhingini bavela kuwo, basakazekela emazweni abo ngokwezilimi zabo, ngokwemindeni yabo nangokwezizwe zabo.
6 Amadodana kaHamu kwakunguKushe, uMizrayimi, + uPhuthi + noKhanani. +
7 Amadodana kaKushe kwakunguSeba, + uHavila, uSabhitha, uRahama + noSabhitheka.
Amadodana kaRahama kwakunguSheba noDedani.
8 UKushe wazala uNimrode. UNimrode waba owokuqala ukuba namandla emhlabeni. 9 Waba umzingeli onamandla omelene noJehova. Yingakho kukhona isisho esithi: “NjengoNimrode, umzingeli onamandla omelene noJehova.” 10 Ukuqala kombuso wakhe kwaba seBhabhele,* + e-Erekhi, + e-Akade naseKhaline, ezweni laseShinari. + 11 Wasuka kulelo zwe waya e-Asiriya, + wakha iNineve, + iRehobhoti-Iri, iKhala 12 neResene, phakathi kweNineve neKhala: Leli idolobha elikhulu.*
13 UMizrayimi wazala uLudimi, + u-Anamimi, uLehabhimi, uNafithuhimi, + 14 uPhathirusimi, + uKhasiluhimi (okwavela kuye amaFilisti +) noKhafitorimi. +
15 UKhanani wazala uSidoni, + izibulo lakhe, uHeti + 16 kanye nomJebusi, + umAmori, + umGirigashi, 17 umHivi, + umArike, umSini, 18 umArivadi, + umZemari nomHamati. + Ngemva kwalokho, imindeni yamaKhanani yahlakazeka. 19 Ngakho umngcele wamaKhanani wawuqala eSidoni uze uyofika eGerari, + eduze kwaseGaza, + ufika naseSodoma, eGomora, + e-Adima naseZebhoyimi, + eduze kwaseLasha. 20 Lawa kwakungamadodana kaHamu ngokwemindeni yawo nangokwezilimi zawo, ngokwamazwe awo nangokwezizwe zawo.
21 UShemi naye wazala izingane, ungukhokho wawo wonke amadodana ka-Ebhere + nomfowabo kaJafete omdala kunabo bonke.* 22 Amadodana kaShemi kwakungu-Elamu, + u-Ashuri, + u-Arpakishade, + uLude no-Aramu. +
23 Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uze, uHule, uGeteri noMashe.
24 U-Arpakishade wazala uShela, + uShela wazala u-Ebhere.
25 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Igama lenye kwakunguPhelege,* + ngoba esikhathini sokuphila kwayo kwahlukaniswa umhlaba.* Igama lomfowabo kunguJokithani. +
26 UJokithani wazala u-Alimodade, uShelefi, uHazarimaveti, uJera, + 27 uHadoramu, u-Uzali, uDikila, 28 u-Obhali, u-Abhimayeli, uSheba, 29 u-Ofiri, + uHavila noJobabi; bonke laba babengamadodana kaJokithani.
30 Indawo yabo yokuhlala yayiqala eMesha ize ifike eSefari, isifunda esinezintaba saseMpumalanga.
31 Lawa kwakungamadodana kaShemi ngokwemindeni yawo nangokwezilimi zawo, ngokwamazwe awo nangokwezizwe zawo. +
32 Lena kwakuyimindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwayo nangokwezizwe zayo. Izizwe zasakazeka emhlabeni zisuka kule mindeni ngemva kukaZamcolo. +