UZakariya
13 “Ngalolo suku kuyombiwa umthombo wendlu kaDavide nabakhile eJerusalema ukuze kuhlanzwe isono nokungcola. +
2 “Ngalolo suku,” kusho uJehova wamabutho, “ngiyowasula amagama ezithixo ezweni, + ngeke esakhunjulwa; ngiyobaqeda nabaprofethi + nomoya wokungahlanzeki ezweni. 3 Uma umuntu ephinda eprofetha, uyise nonina abamzalayo bayothi kuye, ‘Ngeke uphile, ngoba ukhulume amanga egameni likaJehova.’ Uyise nonina abamzalayo bayomgwaza ngenxa yokuprofetha kwakhe. +
4 “Ngalolo suku ngamunye wabaprofethi uyoba namahloni ngombono wakhe lapho eprofetha; ngeke basigqoke isembatho soboya esikhethekile + ngenjongo yokukhohlisa. 5 Uyothi, ‘Angiyena umprofethi. Ngingumlimi,* ngoba umuntu wangithenga ngaba yisigqila ngisemncane.’ 6 Uma othile embuza ethi, ‘Awani la manxeba asemhlane wakho?’* Uyophendula athi, ‘Lawa amanxeba engiwathole endlini yabangani bami.’ ”*
7 “O nkemba, vuka umelane nomalusi wami, +
Umelane nendoda engumngani wami,” kusho uJehova wamabutho.
8 “Ezweni lonke,” kusho uJehova,
“Izingxenye ezimbili kwezintathu zabantu kulo ziyobulawa zishabalale;*
Ingxenye yesithathu iyosala kulo.
9 Ingxenye yesithathu ngiyoyidlulisa emlilweni;
Ngiyobacwenga njengoba kucwengwa isiliva,
Ngibavivinye njengoba kuvivinywa igolide. +
Bayobiza igama lami,
Mina ngibaphendule.
Ngiyothi, ‘Bangabantu bami,’ +
Bona bathi, ‘UJehova unguNkulunkulu wethu.’ ”