Eyesibili YamaKhosi
6 Amadodana abaprofethi + athi ku-Elisha: “Sesiminyene kakhulu kule ndawo esihlala kuyo nawe. 2 Sicela ukuhamba siye eJordani. Yilowo nalowo uzothatha ugodo lapho sizakhele khona indawo esizohlala kuyo.” Wathi: “Hambani.” 3 Enye yawo yathi: “Ngicela uhambe nathi.”* Yena wathi: “Ngizohamba nani.” 4 Ngakho wahamba nawo, afika eJordani agawula izihlahla. 5 Njengoba enye yawo igawula isihlahla, imbazo yawela emanzini, yamemeza yathi: “Maye, nkosi yami, ibibolekiwe!” 6 Umuntu kaNkulunkulu weqiniso wathi: “Iwelephi?” Ngakho yambonisa leyo ndawo. Wagawula ukhuni waluphonsa lapho, imbazo yantanta. 7 Wathi: “Ikhiphe.” Ngakho yelula isandla yayithatha.
8 Inkosi yaseSiriya yalwa no-Israyeli. + Yacebisana nezinceku zayo yazitshela ukuthi zizokanisa kuyiphi indawo kanye nayo. 9 Umuntu kaNkulunkulu weqiniso + wathumela umyalezo enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ungadluli ngakule ndawo, ngoba yilapho amaSiriya ezokwehlela khona ezokuhlasela.” 10 Ngakho inkosi yakwa-Israyeli yathumela umyalezo yaxwayisa abantu ababehlala endaweni umuntu kaNkulunkulu weqiniso ayekhulume ngayo. Wayelokhu eyixwayisa, yona yadeda kuleyo ndawo izikhathi eziningana. *+
11 Lokhu kwayithukuthelisa inkosi* yaseSiriya, ngakho yabiza izinceku zayo yathi kuzo: “Ngitsheleni! Ubani phakathi kwethu ocheme nenkosi yakwa-Israyeli?” 12 Enye yezinceku zakhe yathi: “Akekho noyedwa nkosi yami! Ngu-Elisha umprofethi okwa-Israyeli otshela inkosi yakwa-Israyeli izinto ozikhuluma ekamelweni lakho lokulala.” + 13 Yathi: “Hambani niyomfuna nithole ukuthi ukuphi, ukuze ngithumele amadoda ayombamba.” Kamuva kwabikwa kuyo, kwathiwa: “UseDothani.” + 14 Ngokushesha yathumela amahhashi nezinqola zempi kuleyo ndawo kanye nebutho lempi elikhulu; lafika ebusuku lazungeza idolobha.
15 Lapho isikhonzi somuntu kaNkulunkulu weqiniso sivuka ekuseni siphumela phandle, sabona ibutho lempi namahhashi nezinqola zempi kuzungeze idolobha. Ngaso leso sikhathi isikhonzi sathi kuye: “Maye nkosi yami! Sizokwenzenjani?” 16 Kodwa wathi: “Ungesabi! + Ngoba baningi abanathi kunabanabo.” + 17 U-Elisha wathandaza wathi: “O Jehova, ngicela uvule amehlo akhe, ukuze abone.” + Masinyane uJehova wawavula amehlo alesi sikhonzi, sabona, bheka! ezintabeni kwakugcwele amahhashi nezinqola zempi zomlilo + nxazonke zika-Elisha. +
18 Lapho amaSiriya ehlela kuye, u-Elisha wathandaza kuJehova wathi: “Ngicela ushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” + Ngakho wasishaya ngobumpumputhe, njengoba nje u-Elisha ayecelile. 19 Manje u-Elisha wathi kuwo: “Akuyona indlela le, futhi akulona idolobha enilifunayo leli. Ngilandeleni, nginiholele kumuntu enimfunayo.” Nokho, wawaholela eSamariya. +
20 Lapho befika eSamariya, u-Elisha wathi: “O Jehova, vula amehlo abo ukuze babone.” Ngakho uJehova wawavula amehlo abo, babona ukuthi babephakathi eSamariya. 21 Lapho inkosi yakwa-Israyeli ibabona, yathi ku-Elisha: “Ngibabulale yini, ngibabulale yini, nkosi yami?” 22 Kodwa wathi: “Ungababulali. Uyababulala yini labo obathumbe ngenkemba yakho nangomnsalo wakho? Banike ukudla namanzi badle baphuze + bese bebuyela enkosini yabo.” 23 Ngakho wabenzela idili elikhulu, badla baphuza, ngemva kwalokho wabadedela babuyela enkosini yabo. Amaviyo abaphangi aseSiriya + awaphindanga eza ezweni lakwa-Israyeli.
24 Kamuva uBheni-hadadi inkosi yaseSiriya waqoqela ndawonye lonke ibutho* lakhe wakhuphuka wayovimbezela iSamariya. + 25 Ngakho kwaba nendlala enkulu + eSamariya, balivimbezela kwaze kwaba yilapho inhloko yembongolo + ibiza izinhlamvu zesiliva ezingu-80, nezandla ezimbili ezigcwele* zomquba wamajuba zibiza izinhlamvu ezinhlanu zesiliva. 26 Lapho inkosi yakwa-Israyeli idlula ihamba phezu kodonga, owesifazane othile wayimemeza wathi: “Nkosi yami, sisize!” 27 Yathi: “Uma uJehova engakusizi, ngingakusiza kanjani mina? Ucabanga ukuthi ngingakuthathaphi ukudla, iwayini noma amafutha engingakunika kona?” 28 Inkosi yambuza: “Kwenzenjani?” Yena wathi: “Lona wesifazane uthe kimi, ‘Letha indodana yakho siyidle namuhla, kusasa sizodla indodana yami.’ + 29 Ngakho siyiphekile indodana yami sayidla. + Ngosuku olulandelayo ngithe kuye, ‘Letha indodana yakho siyidle.’ Kodwa wayifihla indodana yakhe.”
30 Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi alona wesifazane, yaklebhula izingubo zayo. + Lapho idlula ngasodongeni, abantu babona ukuthi yayigqoke indwangu yesaka ngaphansi kwezingubo zayo.* 31 Yathi: “Kwangathi uNkulunkulu angangijezisa kanzima uma ikhanda lika-Elisha indodana kaShafati liqhubeka likuye namuhla!” +
32 U-Elisha wayehlezi endlini yakhe, ehlezi namadoda amadala. Inkosi yathumela umuntu phambi kwayo, kodwa ngaphambi kokuba leso sithunywa sifike, u-Elisha wathi emadodeni amadala: “Niyibonile yini indlela le ndodana yombulali + ethumele ngayo ukuba kushumpulwe ikhanda lami? Qaphelani lapho isithunywa sifika, nivale umnyango, niwucindezele ukuze singangeni. Inkosi yaso iyasilandela.” 33 Esakhuluma nawo, isithunywa safika, inkosi yathi: “Le nhlekelele ivela kuJehova. Kungani kusafanele ngilinde usizo oluvela kuJehova?”