Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili likaDavide, lapho amaZifi efika kuSawule ethi: “UDavide ucashe endaweni yethu.” +
54 O Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, +
Ungivikele + ngamandla akho.
2 O Nkulunkulu, yizwa umthandazo wami; +
Lalela amazwi omlomo wami.
3 Ngoba abantu engingabazi bayangivukela,
Abantu abanonya bafuna ukungibulala. +
Abanandaba noNkulunkulu. + (Sela)
4 UNkulunkulu ungumsizi wami; +
UJehova ukanye nalabo abangisekelayo.
5 Uyobuyisela izitha zami + ngobubi ezibenzile;
Zibhubhise ngenxa yokwethembeka kwakho. +
6 Ngizokwenzela umhlatshelo + ngokuzithandela.
O Jehova, ngizolidumisa igama lakho ngoba lihle. +
7 Ngoba uyangikhulula kukho konke ukucindezeleka, +
Ngiyozibona izitha zami lapho zinqotshwa. +