Kumqondisi. Ihubo lamadodana kaKhora. +
85 O Jehova, ulibonise umusa izwe lakho; +
Ubabuyisile abantwana bakaJakobe abebethunjiwe. +
2 Usixolele isiphambeko sabantu bakho;
Uzithethelele zonke izono zabo. + (Sela)
3 Ulubambile lonke ulaka lwakho;
Uphendukile entukuthelweni yakho evuthayo. +
4 Sibuyise Nkulunkulu wensindiso yethu,
Uyeke ukusicasukela. +
5 Ingabe uyosithukuthelela kuze kube phakade? +
Ingabe uyohlale uthukuthele isizukulwane ngesizukulwane?
6 Ngeke yini uphinde usivuselele
Ukuze abantu bakho bajabule ngawe? +
7 O Jehova, sibonise uthando lwakho oluqotho +
Usisindise.
8 Ngizokulalela lokho uJehova uNkulunkulu weqiniso akushoyo,
Ngoba uzokhuluma ngokuthula kubantu bakhe, + kwabaqotho bakhe,
Kodwa mabangaphindi bazethembe ngokweqile. +
9 Uhlale ekulungele ukusindisa labo abamesabayo, +
Ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.
10 Uthando oluqotho nokwethembeka kuyohlangana;
Ukulunga nokuthula kuyoqabulana. +
11 Ukwethembeka kuyohluma emhlabeni,
Nokulunga kuyokwehla kuvela emazulwini. +
12 UJehova uyonikeza okuhle, +
Izwe lethu liyothela umkhiqizo walo. +
13 Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, +
Kwenzele izinyathelo zakhe indlela.