INgoma Yokwenyuka.
120 Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile, +
Wangiphendula. +
2 O Jehova, ngikhulule ezindebeni eziqamba amanga
Nasolimini olukhohlisayo.
3 Yini uNkulunkulu azoyenza kuwe, uzokujezisa kanjani,
Wena lulimi olukhohlisayo? +
4 Ngemicibisholo ecijile + yeqhawe
Nangamalahle avuthayo + ezihlahla zonwele.
5 Maye kimi, ngoba ngihlale njengesifiki kwaMesheke! +
Bengihlala ematendeni kaKhedari. +
6 Ngihlale isikhathi eside kakhulu
Nalabo abazonda ukuthula. +
7 Ngithanda ukuthula, kodwa lapho ngikhuluma,
Bafuna impi.