U-Amose
9 Ngabona uJehova + emi ngaphezu kwe-altare, wathi: “Shaya isihloko sezinsika ukuze zizamazame phansi. Zinqume esihlokweni, mina ngiyobulala abasele ngenkemba. Akekho obalekayo oyophunyuka, akekho nozama ukubaleka oyophumelela. +
2 Uma bemba bashone phansi eThuneni,*
Isandla sami siyobakhipha lapho;
Uma benyukela emazulwini,
Ngiyobehlisa lapho.
Uma bezifihla phambi kwamehlo ami ekujuleni kolwandle,
Ngiyoyala inyoka khona lapho ukuba ibalume.
4 Uma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,
Ngiyoyala inkemba lapho ibabulale; +
Ngiyogxilisa amehlo ami kubo ngenjongo yokubalethela okubi, hhayi okuhle. +
5 Ngoba iNkosi EnguMbusi uJehova wamabutho, nguYe othinta izwe*
Ukuze lincibilike, + bonke abahlala kulo bayolila; +
Lonke liyophakama njengeNayile,
Libohle njengeNayile yaseGibhithe. +
6 ‘Lowo owakha izitebhisi zakhe emazulwini,
Amise isakhiwo* sakhe emhlabeni;
Lowo obiza amanzi olwandle
Ukuze awathululele emhlabeni +
—NguJehova igama lakhe.’ +
7 ‘Anifani yini nabantwana bamaKushe kimi, bantu bakwa-Israyeli?’ kusho uJehova.
‘Angizange yini ngimkhuphule u-Israyeli ngimkhiphe ezweni laseGibhithe, +
Kodwa ngeke ngiyibhuqe ngokuphelele indlu kaJakobe,’ + kusho uJehova.
9 ‘Ngoba bheka! Ngikhipha umyalo,
Ngiyonyakazisa indlu ka-Israyeli phakathi kwazo zonke izizwe, +
Njengalapho nje umuntu enyakazisa isisefo
Kungabi bikho nelilodwa itshe eliwela phansi.
10 Zonke izoni zabantu bami ziyofa ngenkemba,
Lezo ezithi: “Inhlekelele ngeke isondele kithi, futhi ngeke isifice.” ’
11 ‘Ngalolo suku ngiyovusa idokodo* likaDavide + eliwile,
Ngiyolungisa izindawo* ezibhodlokile,
Ngiyovusa amanxiwa alo;
Ngiyolakha kabusha njengasezinsukwini zakudala +
12 Ukuze badle ifa lalokho okusele kuka-Edomi +
Nelazo zonke izizwe eziye zabizwa ngegama lami,’ kusho uJehova, owenza lokhu.
13 ‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova,
‘Lapho umlimi eyofica umvuni,
Nomnyatheli wamagilebhisi afice ophethe imbewu; +
Izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, +