Genesise
40 Ngemva kwalokho, induna yabaphathindebe* + benkosi yaseGibhithe kanye nenduna yababhaki benza okubi enkosini yabo, inkosi yaseGibhithe. 2 Ngakho uFaro wazithukuthelela lezi zikhulu ezimbili, induna yabaphathindebe nenduna yababhaki, + 3 wazivalela ejele lendlu yenduna yonogada, + endaweni uJosefa ayeboshwe kuyo. + 4 Ngemva kwalokho induna yonogada yabela uJosefa ukuba abe nazo azinakekele, + zaqhubeka zisejele isikhathi esithile.*
5 Umphathindebe nombhaki wenkosi yaseGibhithe ababeboshwe ejele, ngamunye kubo waphupha iphupho ngobusuku obufanayo, iphupho ngalinye lalinencazelo yalo. 6 Ngakusasa ekuseni lapho uJosefa engena ebabona, babebukeka bedangele. 7 Ngakho wababuza: “Kungani ubuso benu buhwaqabele namuhla?” 8 Bona bathi kuye: “Ngamunye kithi uphuphe iphupho, kodwa akekho ongasichazela lona.” UJosefa wathi kubo: “Izincazelo akuzona yini ezikaNkulunkulu? + Ngicela ningixoxele wona.”
9 Induna yabaphathindebe yaxoxela uJosefa iphupho layo yathi kuye: “Ephusheni lami, bekukhona isihlahla samagilebhisi phambi kwami. 10 Esihlahleni samagilebhisi bekukhona amagatshana amathathu futhi njengoba besihluma amacembe siqhakazile, amagilebhisi avuthwa emahlukuzweni awo. 11 Indebe kaFaro ibisesandleni sami, ngathatha amagilebhisi ngawakhamela endebeni kaFaro. Ngemva kwalokho ngabeka indebe esandleni sikaFaro.” 12 UJosefa wabe esethi kuyo: “Nansi incazelo yalo: Amagatshana amathathu ayizinsuku ezintathu. 13 Ezinsukwini ezintathu kusukela manje, uFaro uzokukhipha* akubuyisele esikhundleni sakho, + uzobeka indebe kaFaro esandleni sakhe njengoba bewenza ngaphambili lapho usengumphathindebe wakhe. + 14 Nokho, ungikhumbule lapho izinto sezikuhambela kahle. Ngicela ungibonise uthando oluqotho ukhulume ngami kuFaro, ukuze ungikhiphe kule ndawo. 15 Eqinisweni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, + angenzanga lutho lapha njengoba bengifake ejele.”* +
16 Lapho induna yababhaki ibona ukuthi uJosefa wayenikeze incazelo enhle, yathi kuye: “Nami ngiphuphile, bekukhona obhasikidi abathathu bezinkwa ezimhlophe ekhanda lami, 17 kubhasikidi ophezulu bekukhona zonke izinhlobo zezinto ezibhakiwe zikaFaro, kukhona nezinyoni zidla lezo zinto kulowo bhasikidi ophezu kwekhanda lami.” 18 UJosefa waphendula, “Nansi incazelo yalo: Obhasikidi abathathu bayizinsuku ezintathu. 19 Ezinsukwini ezintathu kusukela manje, uFaro uzonquma ikhanda lakho,* akulengise esigxotsheni, izinyoni zidle inyama yakho.” +
20 Ngosuku lwesithathu kwaba usuku lukaFaro lokuzalwa, + wenzela zonke izinceku zakhe idili, wabakhipha* bobabili induna yabaphathindebe nenduna yababhaki phakathi kwezinceku zakhe. 21 Wayibuyisela induna yabaphathindebe esikhundleni sayo sokuba umphathindebe, yaqhubeka inika uFaro indebe. 22 Kodwa wayilengisa induna yababhaki, njengoba nje uJosefa ayezichazelile. + 23 Nokho, induna yabaphathindebe ayizange imkhumbule uJosefa; yayilokhu imkhohlwa. +