Eyesibili YeziKronike
31 Ngokushesha nje lapho sebeqede konke lokhu, wonke ama-Israyeli ayekhona aphuma aya emadolobheni akwaJuda afike aphihliza izinsika ezingcwele, + agawula izigxobo ezingcwele, *+ adiliza nezindawo eziphakeme + nama-altare + kulo lonke elakwaJuda nelakwaBhenjamini nakwa-Efrayimi nakwaManase, + kwaze kwaphela konke, ngemva kwalokho wonke ama-Israyeli abuyela emadolobheni awo, yilowo nalowo efeni lakhe.
2 UHezekiya wabe esemisa abapristi ngokwezigaba zabo + namaLevi ngokwezigaba zawo, + umpristi ngamunye nomLevi ngamunye ngokwenkonzo yakhe, + ngokuphathelene neminikelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo, ukuze bakhonze, babonge futhi badumise emasangweni amagceke* kaJehova. + 3 Ingxenye yempahla yenkosi yayiswa eminikelweni eshiswayo, + ehlanganisa iminikelo yasekuseni neyakusihlwa, + kanye neminikelo eshiswayo yamaSabatha, + eyokwethwasa kwezinyanga + neyemikhosi, + ngokuvumelana nalokho okulotshwe eMthethweni kaJehova.
4 Ngaphezu kwalokho, wayala abantu abahlala eJerusalema ukuba bakhiphe isabelo sabapristi nesamaLevi, + ukuze banamathele ngokuqinile* emthethweni kaJehova. 5 Ngokushesha nje lapho sekukhishwe umyalo, ama-Israyeli akhipha insada yezithelo zokuqala zokudla okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha + noju nayo yonke imikhiqizo yensimu; + akhipha okweshumi kwakho konke akuletha ngobuningi. + 6 Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda ababehlala emadolobheni akwaJuda nabo baletha okweshumi kwezinkomo nezimvu nokweshumi kwezinto ezingcwele + ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo. Bakuletha bakubeka kwaba yizinqwaba. 7 Ngenyanga yesithathu + baqala ukubeka iminikelo yabo yaba yizinqwaba; baqeda ngenyanga yesikhombisa. + 8 Lapho uHezekiya nezikhulu befika futhi bebona lezi zinqwaba, badumisa uJehova babusisa abantu bakhe u-Israyeli.
9 UHezekiya wabuza abapristi namaLevi ngalezi zinqwaba, 10 u-Azariya induna yabapristi yendlu kaZadoki wathi kuye: “Kusukela ngesikhathi abaqala ngaso ukuletha iminikelo endlini kaJehova + abantu bebelokhu bedla baze basuthe futhi kusekhona okuningi kakhulu okusele, ngoba uJehova ubabusisile abantu bakhe, kwasala le nqwaba.” +
11 UHezekiya wathi mabalungise izinqolobane *+ endlini kaJehova, ngakho bazilungisa. 12 Baqhubeka ngokwethembeka beletha iminikelo, okweshumi + nezinto ezingcwele; uKhonaniya umLevi wabekwa ukuba engamele konke lokhu njengomqondisi, uShimeyi umfowabo engowesibili. 13 UJehiyeli, u-Azaziya, uNahati, u-Asaheli, uJerimoti, uJozabhadi, u-Eliyeli, u-Isimakiya, uMahati noBhenaya babengabaphathi futhi besiza uKhonaniya noShimeyi umfowabo, ngokomyalo weNkosi uHezekiya, u-Azariya wayengumqondisi wendlu kaNkulunkulu weqiniso. 14 UKore indodana ka-Imna, umlindisango ongumLevi ohlangothini olungasempumalanga, + wayengamele iminikelo yokuzithandela + kaNkulunkulu weqiniso, waba umnikelo owawenzelwa uJehova + nezinto ezingcwelengcwele. + 15 Ngaphansi kokuqondisa kwakhe kwakukhona u-Edene, uMiniyamini, uJeshuwa, uShemaya, u-Amariya noShekaniya, emadolobheni abapristi, + esikhundleni sabo sokwethenjelwa, ukuze babele ngokulinganayo abafowabo ngokwezigaba zabo, + omkhulu nomncane ngokufanayo. 16 Lokhu kwakwenziwa ngaphezu kokwabela abesilisa abasukela eminyakeni emithathu ubudala kuya phezulu ababesohlwini lozalo, ababeza njalo bezokhonza endlini kaJehova benze nemisebenzi yezigaba zabo.
17 Abapristi babefakwa ohlwini lozalo ngokwemindeni yoyise, + njengoba kwakunjalo ngamaLevi ayeneminyaka engu-20 ubudala kuya phezulu, + ngokwemisebenzi yezigaba zabo. + 18 Ohlwini lozalo kwakunabantwana babo, omkabo, amadodana namadodakazi abo, lonke ibandla—ngoba bazigcina bengcweliselwe okungcwele ngenxa yesikhundla sabo sokwethenjelwa— 19 kanye nenzalo ka-Aroni, abapristi ababehlala emadlelweni azungeze amadolobha abo. + Kuwo wonke amadolobha, amadoda ayegagulwe ngamagama ukuba anike bonke abesilisa izabelo phakathi kwabapristi nabo bonke ababesohlwini lozalo lwamaLevi.
20 UHezekiya wenza lokhu kuwo wonke uJuda, waqhubeka enza okuhle nokulungile futhi wayethembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe. 21 Yonke imisebenzi ayenza ukuze afune uNkulunkulu wakhe, kungakhathaliseki ukuthi yayihlobene nenkonzo yendlu kaNkulunkulu weqiniso + noma uMthetho nomyalo, wayenza ngenhliziyo ephelele futhi waphumelela.