U-Amose
4 “Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBhashani,
Enisentabeni yaseSamariya, +
Nina bantu besifazane eniphamba abantu abaphansi, + nicindezele abampofu,
Enithi kubayeni* benu, ‘Siletheleni okuphuzwayo!’
2 INkosi EnguMbusi uJehova ifunge ngobungcwele bayo,
‘ “Bhekani! Kuza izinsuku phezu kwenu lapho iyoniphakamisa khona ngamahhuku asesilaheni
Abasele ibaphakamise ngamahhuku odobo.
3 Niyophuma ngezindawo ezibhodlokile odongeni, ngamunye aqonde phambili;
Niyophonswa ngaphandle eHarmoni,” kusho uJehova.’
Ngoba yilokho enithanda ukukwenza, nina bantu bakwa-Israyeli,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
6 ‘Mina ngabangela indlala* kuwo wonke amadolobha enu
Ngenza zonke izindlu zenu zaswela isinkwa; +
Kodwa anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.
7 ‘Ngabuye nganigodlela imvula kusasele izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba kuvunwe; +
Ngenza ukuba line edolobheni elilodwa, kodwa lingani kwelinye idolobha.
Kwakuba khona isiqephu sezwe elalina kuso,
Kodwa lesi esinye elalingani kuso sasoma.
8 Abantu basemadolobheni amabili noma amathathu babeyendayendela edolobheni elilodwa beyophuza amanzi, +
Kodwa babenganeliseki;
Anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.
9 ‘Nganishaya ngokushisa okukhulu nangesikhunta. +
Nazandisa izingadi zenu namasimu amagilebhisi,
Kodwa izihlahla zenu zamakhiwane nezeminqumo zazishwabadelwa izintethe; +
Noma kunjalo anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.
10 ‘Ngathumela phakathi kwenu isifo esiwumshayabhuqe esifana nesaseGibhithe. +
Ngabulala izinsizwa zenu ngenkemba, + ngathumba namahhashi enu. +
Emakamu enu kwagcwala iphunga elibi lezidumbu; +
Kodwa anibuyelanga kimi,’ kusho uJehova.
Naninjengokhuni oluhlwithwe emlilweni;
Kodwa anibuyelanga kimi,’ + kusho uJehova.
12 Ngakho yilokhu engizokwenza kuwe Israyeli.
Ngenxa yokuthi yilokhu engizokwenza kuwe,
Lungela ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.