Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Ingoma.
65 O Nkulunkulu, uzodunyiswa eZiyoni; +
Sizozifeza izifungo esizenze kuwe. +
2 Wena olalela imithandazo, zonke izinhlobo zabantu zizoza kuwe. +
3 Iziphambeko zami zingaphezu kwamandla ami, +
Kodwa uyazimboza izeqo zethu. +
4 Uyajabula umuntu omkhethayo, bese umsondeza
Ukuze ahlale emagcekeni akho. +
Siyokwaneliswa ubuhle bendlu yakho, +
Ithempeli lakho elingcwele. +
5 Uyosiphendula ngezenzo ezimangalisayo + zokulunga,
O Nkulunkulu wensindiso yethu;
UyiThemba labantu kuwo wonke umhlaba +
Nelalabo abakude phesheya kolwandle.
6 Wamisa izintaba zaqina ngamandla akho;
Unamandla amakhulu. +
7 Wenza ulwandle olugubhayo luzole, +
Uthulisa umsindo wamagagasi alo nenhlokomo yezizwe. +
8 Abahlala ezindaweni ezikude bayomangazwa yizibonakaliso zakho; +
Uyobangela ukuba abasempumalanga nabasentshonalanga bamemeze ngenjabulo.
9 Unakekela umhlaba,
Uwenza uthele kakhulu, ube nenala. +
Ugcwalise imifula ngamanzi;
Ulungiselela abantu ukudla okusanhlamvu, +
Ngoba yileyo ndlela owenze ngayo umhlaba.
10 Imisele yawo uyigcwalisa ngamanzi, uhlelemba umhlabathi olinyiwe;
Uwuthambisa ngemvula; uyawubusisa. +
11 Uhlobisa unyaka ngobuhle bakho;
Izindawo ohamba kuzo zigcwele ubuhle. +
12 Amadlelo asehlane anotshani obuluhlaza obunamazolo, +
Amagquma embethe injabulo. +
13 Amadlelo agcwele imihlambi,
Nezigodi zimbozwe ngokudla okusanhlamvu. +
Izwe lonke limemeza ngenjabulo, yebo, liyahlabelela. +