UHoseya
2 Buyelani kuJehova ngala mazwi,
Nithi kuye, ‘Kwangathi ungaxolela isiphambeko sethu + wamukele okuhle,
Sizonikela ngokudumisa kwezindebe zethu + ngendlela ebesinganikela ngayo ngezinkunzi zezinkomo ezisencane.
3 I-Asiriya ngeke lisisindise. +
Ngeke sigibele amahhashi, +
Ngeke sisathi, “Nkulunkulu wethu!” emsebenzini wezandla zethu,
Ngoba nguwe obonisa intandane isihe.’ +
4 Ngizokuphulukisa ukungathembeki kwabo. +
5 Ngizoba njengamazolo ku-Israyeli;
Uyoqhakaza njengembali,
Uyofaka izimpande zakhe phansi njengezihlahla zaseLebhanoni.
6 Amagatsha akhe ayondlaleka,
Ubuhle bakhe buyoba njengobesihlahla somnqumo,
Amakha akhe amnandi ayoba njengaweLebhanoni.
7 Bayophinde bahlale emthunzini wakhe.
Bayotshala ukudla okusanhlamvu, kuhlume njengesihlahla samagilebhisi. +
Udumo* lwabo luyoba njengolwewayini laseLebhanoni.
8 U-Efrayimi uyothi, ‘Ngisahlangene ngani nezithixo?’ +
Ngiyophendula ngimgade. +
Ngiyoba njengesihlahla somjunipha esiluhlaza.
Izithelo zenu ziyotholakala kimi.”
9 Ubani ohlakaniphile? Makaqonde lezi zinto.
Ubani oqondayo? Makazazi lezi zinto.
Ngoba izindlela zikaJehova ziqondile, +
Abalungile bayohamba kuzo;
Kodwa izeqamthetho zona ziyokhubeka kuzo.