Eksodusi
11 UJehova wathi kuMose: “Kunenhlupho eyodwa esasele engizoyiletha phezu kukaFaro neGibhithe. Ngemva kwalokho uzonikhulula lapha. + Lapho enikhulula, uzonixosha. + 2 Manje tshela abantu ukuthi wonke amadoda nabesifazane kufanele bacele komakhelwane babo izinto zesiliva nezegolide.” + 3 UJehova wenza abaseGibhithe baba nomusa kubantu bakhe. Ngaphezu kwalokho, uMose wayebe mkhulu kakhulu ezweni laseGibhithe phakathi kwezinceku zikaFaro nakubantu.
4 UMose wathi: “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Phakathi kwamabili ngiyaphuma ngiya phakathi kweGibhithe, + 5 wonke amazibulo ezweni laseGibhithe azofa, + kusukela ezibulweni likaFaro ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi kuya ezibulweni lesigqila esisebenza etsheni lokugaya nawo wonke amazibulo emfuyo. + 6 Kulo lonke izwe laseGibhithe kuzoba khona isililo esikhulu esingakaze sibe khona nesingeke siphinde sibe khona. + 7 Kodwa akukho ngisho inja ezokhonkotha* ama-Israyeli noma imfuyo yawo, ukuze nazi ukuthi uJehova angawenza umehluko phakathi kwabaseGibhithe nama-Israyeli.’ + 8 Zonke izinceku zakho nakanjani zizokwehlela kimi zingikhothamele, zithi, ‘Hamba, wena kanye nabo bonke abantu abakulandelayo.’ + Ngemva kwalokho ngizophuma.” Wabe esephuma kuFaro ethukuthele kakhulu.
9 UJehova wabe esethi kuMose: “UFaro ngeke anilalele, + ukuze izimangaliso zami zandiswe ezweni laseGibhithe.” + 10 UMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso phambi kukaFaro, + kodwa uJehova wayivumela inhliziyo kaFaro ukuba ibe nenkani, akawakhululanga ama-Israyeli ezweni lakhe. +