Eyesibili KaSamuweli
5 Ngokuhamba kwesikhathi zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebroni + zathi: “Siyizihlobo zakho zegazi. *+ 2 Ezikhathini ezedlule lapho uSawule eseyinkosi yethu, nguwe owawuhola u-Israyeli emikhankasweni yakhe yempi. *+ UJehova wathi kuwe: ‘Uyokwelusa abantu bami u-Israyeli, ube umholi phezu kuka-Israyeli.’ ” + 3 Ngakho wonke amadoda amadala akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni, iNkosi uDavide yenza isivumelwano nawo + eHebroni phambi kukaJehova. Ngemva kwalokho amadoda amadala agcoba uDavide waba inkosi phezu kuka-Israyeli. +
4 UDavide wayeneminyaka engu-30 ubudala lapho eba yinkosi, wabusa iminyaka engu-40. + 5 EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha, eJerusalema + wabusa iminyaka engu-33 phezu kwawo wonke u-Israyeli noJuda. 6 Inkosi namabutho ayo baya eJerusalema beyolwa namaJebusi + ayehlala khona. Amklolodela uDavide athi: “Awusoze wangena lapha! Uzoxoshwa ngisho nayizimpumputhe nezinyonga.” Ayezitshela ukuthi, ‘UDavide akasoze angena lapha.’ + 7 Noma kunjalo, uDavide wasithatha isigodlo saseZiyoni, manje esesiyiDolobha LikaDavide. + 8 Ngakho uDavide wathi ngalolo suku: “Labo abayohlasela amaJebusi kufanele bangene ngomhubhe wamanzi ukuze babulale ‘izinyonga nezimpumputhe,’ ezingathandeki kuDavide!” Kungaleso sizathu kuthiwa: “Oyimpumputhe nolunyonga akasoze angena endlini.” 9 UDavide wabe esehlala esigodlweni, sabizwa* ngokuthi iDolobha LikaDavide; uDavide waqala ukwakha izindonga nezinye izakhiwo kusukela eNdundumeni *+ kuye nangaphakathi edolobheni. + 10 UDavide wayelokhu eba mkhulu, + uJehova uNkulunkulu wamabutho wayenaye. +
11 UHiramu + inkosi yaseThire wathumela izithunywa kuDavide kanye namapulangwe omsedari + nababazi, nabasebenza ngetshe ababezokwakha izindonga, baqala ukwakhela uDavide indlu. *+ 12 UDavide wayazi ukuthi uJehova wayemmise ngokuqinile njengenkosi phezu kuka-Israyeli + nokuthi wayewuphakamisile umbuso wakhe + ngenxa yabantu baKhe u-Israyeli. +
13 Ngemva kokuba uDavide esebuyile eHebroni wazithathela ezinye izancinza + nabafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi. + 14 Yilawa amagama amadodana azalelwa wona eJerusalema: UShamuwa, uShobabi, uNathani, + uSolomoni, + 15 u-Ibhari, u-Elishuwa, uNefegi, uJafiya, 16 u-Elishama, u-Eliyada no-Elifeleti.
17 Lapho amaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshwe waba inkosi phezu kuka-Israyeli, + wonke amaFilisti akhuphuka ezofuna uDavide. + Lapho uDavide ezwa ngakho, wehlela endaweni yokucasha. + 18 AmaFilisti afika agcwala kuso sonke iSigodi* SamaRefa. + 19 UDavide wabuza kuJehova, + wathi: “Ngikhuphuke yini ngiyokulwa namaFilisti? Uzowanikela yini esandleni sami?” UJehova wathi kuDavide: “Khuphuka, ngoba nakanjani ngizowanikela amaFilisti esandleni sakho.” + 20 Ngakho uDavide waya eBhali-pherazimi, wafika lapho wawabulala. Ngenxa yalokho wathi: “UJehova uhambe phambi kwami njengezikhukhula zamanzi wafike wazibhubhisa izitha zami.” + Yingakho aqamba leyo ndawo ngokuthi iBhali-pherazimi. *+ 21 AmaFilisti azishiya lapho izithixo zawo, uDavide namadoda ayekanye naye bazithatha.
22 Kamuva amaFilisti aphinda futhi akhuphuka afike agcwala eSigodini* SamaRefa. + 23 UDavide wabuza kuJehova, kodwa uNkulunkulu wathi: “Ungakhuphuki uqonde kuwo. Kunalokho, zungeza uye ngemva kwawo, uwaqhamukele phambi kwezihlahla zamabhakha. 24 Lapho uzwa umsindo wokumasha phezu kwezihlahla zamabhakha, usheshe, ngoba uJehova uyobe ephume ngaphambi kwakho ukuze anqobe ibutho lamaFilisti.” 25 Ngakho uDavide wenza njengoba nje uJehova ayemyalile, wawabulala amaFilisti + kusukela eGeba + kuze kufike eGezeri. +