INgoma Yokwenyuka.
132 O Jehova, khumbula uDavide
Nakho konke ukuhlupheka kwakhe; +
2 Indlela afunga ngayo kuJehova,
Indlela enza ngayo isifungo konaMandla kaJakobe, wathi: +
3 “Ngeke ngingene etendeni lami, endlini yami. +
Ngeke ngilale kusofa wami, embhedeni wami;
4 Ngeke ngiwavumele amehlo ami alale,
Noma amehlo ami ukuba ozele
5 Ngize ngitholele uJehova indawo,
Indawo yokuhlala ekahle yonaMandla kaJakobe.” +
6 Bheka! Sizwile ngawo e-Efratha; +
Sawuthola ezinkalweni zehlathi. +
7 Masingeneni etabernakele lakhe elikhulu; +
Masikhothameni endaweni yakhe yokubeka izinyawo. +
8 O Jehova, vuka, ukuze uze endaweni yakho yokuphumula, +
Wena noMphongolo wamandla akho. +
9 Abapristi bakho mabembathe ukulunga,
Abantu bakho abaqotho mabamemeze ngenjabulo.
10 Ngenxa kaDavide inceku yakho,
Ungamlahli ogcotshiwe wakho. +
11 UJehova ufungile kuDavide;
Nakanjani ngeke akushintshe akusho lapho ethi:
“Oyedwa enzalweni yakho,
Ngizombeka esihlalweni sakho sobukhosi. +
12 Uma amadodana akho egcina isivumelwano sami
Nezikhumbuzo zami engiwafundisa zona, +
Namadodana awo
Ayohlala phakade esihlalweni sakho sobukhosi.” +
13 Ngoba uJehova ukhethe iZiyoni; +
Ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, + wathi:
14 “Lena yindawo yami yokuphumula yaphakade;
Ngizohlala lapha, + ngoba lokhu kuyisifiso sami.
15 Ngizolibusisa ngokudla okuningi;
Ngizokwanelisa abampofu abahlala khona ngesinkwa. +
16 Abapristi balo ngizobembathisa insindiso, +
Nabaqotho balo bayomemeza ngenjabulo. +
17 Ngizokwenza amandla kaDavide ande lapho.
Ngihlelele ogcotshiwe wami isibani. +
18 Izitha zakhe ngizozembathisa amahloni,
Kodwa umqhele osekhanda lakhe uyochuma.” +