Eyesibili KaSamuweli
3 Impi phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide yadonsa isikhathi eside; uDavide wayelokhu eba namandla, + indlu kaSawule yona yayilokhu iba buthaka. +
2 Phakathi naleso sikhathi, uDavide wazalelwa amadodana eHebroni. + Izibulo lakhe kwakungu-Amnoni + owayezalwa u-Ahinohama + waseJizreyeli. 3 Indodana yakhe yesibili kwakunguKileyabi owayezalwa u-Abhigayili + waseKarmeli, umfelokazi kaNabali; eyesithathu kwakungu-Absalomu + indodana kaMahakha, indodakazi kaTalimayi + inkosi yaseGeshuri. 4 Eyesine kwakungu-Adoniya + indodana kaHagiti, eyesihlanu kunguShefathiya indodana ka-Abhithali. 5 Eyesithupha kwakungu-Itereyamu owayezalwa u-Egila, umkaDavide. Yilawa uDavide azalelwa wona eHebroni.
6 Njengoba impi yayiqhubeka phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri + wayelokhu eqinisa isikhundla sakhe endlini kaSawule. 7 USawule wayenesancinza esigama laso kwakunguRizpa, + indodakazi ka-Aya. Kamuva u-Ishi-bhosheti + wathi ku-Abhineri: “Kungani ulale nesancinza sikababa?” + 8 U-Abhineri wathukuthela kakhulu ngenxa yamazwi ka-Ishi-bhosheti wathi: “Ingabe ngiyinja yakwaJuda yini? Kuze kube namuhla, bengilokhu ngiyibonisa uthando oluqotho indlu kayihlo uSawule kanye nabafowabo nabangani bakhe, angizange ngikunikele esandleni sikaDavide; nokho wena namuhla ungibeka icala ngendaba yomuntu wesifazane. 9 Kwangathi uNkulunkulu angamjezisa kanzima u-Abhineri, uma ngingenzi kuDavide njengoba nje uJehova afunga kuye: + 10 ukuba ngidlulise umbuso usuke endlini kaSawule futhi ngimise isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kube seBheri-sheba.” + 11 Akabange esakwazi ukusho lutho olunye ku-Abhineri ngoba wayemesaba. +
12 Ngaso leso sikhathi u-Abhineri wathumela izithunywa kuDavide, wathi: “Lingelikabani leli zwe?” Wanezela: “Yenza isivumelwano nami, mina ngizokwenza konke okusemandleni ami* ukuba ngiphendulele wonke u-Israyeli ohlangothini lwakho.” + 13 Yena waphendula wathi: “Kuhle! Ngizosenza isivumelwano nawe. Yinye kuphela into engiyicelayo kuwe, ukuba ungezi ukuzongibona ngaphandle kokuba uqale ulethe uMikhali + indodakazi kaSawule kimi.” 14 UDavide wayesethumela izithunywa ku-Ishi-bhosheti, + indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali engamlobola ngamajwabu amaFilisti angu-100.” + 15 Ngakho u-Ishi-bhosheti wathumela izithunywa zayomlanda kumyeni wakhe, uPhalitiyeli + indodana kaLayishi. 16 Kodwa umyeni wakhe wayelokhu ehamba naye, ekhala njengoba emlandela waze wayofika eBhahurimi. + U-Abhineri wayesethi kuPhalitiyeli: “Hamba, buyela emuva!” Ngakho wabuyela emuva.
17 Phakathi naleso sikhathi, u-Abhineri wathumela umyalezo emadodeni amadala akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Sekuyisikhathi nifuna ukuba uDavide abe yinkosi phezu kwenu. 18 Manje thathani isinyathelo, ngoba uJehova wathi kuDavide: ‘Ngesandla senceku yami uDavide + ngizosindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ” 19 Ngemva kwalokho, u-Abhineri wakhuluma nabantu bakwaBhenjamini. + U-Abhineri wahamba futhi wayokhuluma noDavide ngasese eHebroni ukuze amtshele ngalokho u-Israyeli nayo yonke indlu kaBhenjamini ababevumelane ngakho.
20 Lapho u-Abhineri efika kuDavide eHebroni ekanye namadoda angu-20, uDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayekanye naye. 21 U-Abhineri wayesethi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqela ndawonye wonke u-Israyeli enkosini yami, ukuze enze isivumelwano nawe, bese uba yinkosi phezu kwabo bonke abantu.”* Ngakho uDavide wamdedela u-Abhineri wahamba ngokuthula.
22 Ngemva nje kwalokho, kwafika izinceku zikaDavide zihamba noJowabe zibuya ukuyophanga, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebroni, ngoba wayesemkhululile wahamba ngokuthula. 23 Lapho uJowabe + nalo lonke ibutho elalikanye naye befika, uJowabe wabikelwa, kwathiwa: “U-Abhineri + indodana kaNeri + ubefikile enkosini, yamdedela wahamba ngokuthula.” 24 Ngakho uJowabe wangena enkosini wathi: “Yini le oyenzile? U-Abhineri ufikile kuwe. Kungani umdedelile waphunyuka? 25 Umazi kahle u-Abhineri indodana kaNeri. Ubezele ukuzokukhohlisa nokuba azi konke ngawe nangakho konke okwenzayo.”
26 Ngakho uJowabe wasuka kuDavide, wathumela izithunywa ukuba zilandele u-Abhineri, zamfica emthonjeni waseSira zabuya naye; kodwa uDavide wayengazi lutho ngako. 27 Lapho u-Abhineri ebuyela eHebroni, + uJowabe wamchezukisela eceleni ngaphakathi kwesango ukuze akhulume naye ngasese. Nokho, beselapho wamgwaza esiswini wafa; + lokhu wakwenza ngenxa yokuthi wabulala umfowabo* u-Asaheli. + 28 Lapho kamuva uDavide ezwa ngakho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi + lika-Abhineri indodana kaNeri. 29 Kwangathi lingabuyela phezu kwekhanda likaJowabe + naphezu kwawo wonke umndeni kayise. Kwangathi endlini kaJowabe kungahlale kunomuntu ophuma ukungcola esithweni sangasese + noma onochoko + noma osebenza ngenduku yokuphotha* noma obulawa ngenkemba noma oswele ukudla!” + 30 Ngakho uJowabe nomfowabo u-Abhishayi + babulala u-Abhineri, + ngenxa yokuthi wayebulale u-Asaheli umfowabo empini + eGibheyoni.
31 Ngemva kwalokho uDavide wathi kuJowabe nakubo bonke abantu ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu nibhince indwangu yesaka nililele u-Abhineri.” INkosi uDavide nayo yayihamba ngemva kohlaka olwaluthwele isidumbu. 32 U-Abhineri wangcwatshwa eHebroni; inkosi yakhala kakhulu ethuneni lika-Abhineri, nabo bonke abantu bakhala. 33 Inkosi yahaya ingoma yokulilela u-Abhineri yathi:
“Kungani u-Abhineri efe ngendlela ehlazisa kangaka?
Ufe njengomuntu obulawe yizigebengu.” *+
Ngemva kwalokho bonke abantu baphinda bamkhalela.
35 Kamuva bonke abantu beza kuDavide ukuzomnika isinkwa sokumduduza* kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Kwangathi uNkulunkulu angangijezisa kanzima uma ngingadla isinkwa nanoma yini enye ngaphambi kokushona kwelanga!” + 36 Bonke abantu bakubona okwakwenzeka, futhi kwabajabulisa. Njengazo zonke ezinye izinto ezazenziwa yinkosi, nalokhu kwabajabulisa bonke abantu. 37 Ngakho bonke abantu no-Israyeli wonke bazi ngalolo suku ukuthi kwakungeyona inkosi eyayiyale ukuba kubulawe u-Abhineri indodana kaNeri. + 38 Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufe isikhulu nomuntu omkhulu namuhla kwa-Israyeli? + 39 Namuhla ngibuthakathaka nakuba ngigcotshwe njengenkosi, + futhi la madoda, amadodana kaZeruya, + anonya kakhulu. + Kwangathi uJehova angabuyisela umenzi wobubi ngobubi bakhe.” +