Ku-Filemoni
1 UPawulu, isiboshwa + ngenxa kaKristu Jesu, noThimothewu + umfowethu, kuFilemoni isisebenzi esithandekayo esikanye naso, 2 naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu + isosha esikanye nalo, nasebandleni elisendlini yakho: +
3 Kwangathi ungathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
4 Ngihlale ngimbonga uNkulunkulu wami uma ngikhuluma ngawe emithandazweni yami, + 5 njengoba ngiqhubeka ngizwa ngokholo nothando onalo ngeNkosi uJesu nangabo bonke abangcwele. 6 Ngithandazela ukuba ukuhlanganyela kwakho okholweni kukwenze uvume zonke izinto ezinhle esinazo ngoKristu. 7 Ngoba ngathola injabulo nenduduzo enkulu ngokuzwa ngothando lwakho, ngenxa yokuthi izinhliziyo* zabangcwele ziye zavuseleleka ngawe, mzalwane.
8 Ngenxa yalesi sizathu, nakuba nginenkululeko enkulu ngoKristu yokukuyala ukuba wenze okufanele, 9 nokho ngincamela ukukunxusa ngesisekelo sothando, njengoba nginguPawulu indoda esikhulile, yebo, manje futhi eyisiboshwa ngenxa kaKristu Jesu. 10 Ngikunxusa ngokuphathelene nomntanami engaba uyise + kuye lapho ngisejele,* u-Onesimu. + 11 Wayengelona usizo kuwe kodwa manje usewusizo kimi nakuwe. 12 Ngimbuyisela kuwe, yebo yena, inhliziyo yami uqobo.*
13 Ngingathanda ukumgcina ngapha ukuze angikhonze esikhundleni sakho njengoba ngiboshiwe ngenxa yezindaba ezinhle. + 14 Kodwa angifuni ukwenza lutho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze isenzo sakho esihle singenziwa ngempoqo kodwa ngokuzithandela kwakho. + 15 Mhlawumbe ngempela kungalesi sizathu eqa okwesikhashana,* ukuze uphinde ube naye phakade, 16 engasesona isigqila + kodwa esengaphezu kwesigqila, esengumfowethu othandekayo, + ikakhulukazi kimi, kodwa kakhulu kangakanani-ke kuwe, enyameni naseNkosini. 17 Ngakho, uma ungibheka njengomngani,* mamukele ngomusa ngendlela obuyongamukela ngayo. 18 Ngaphezu kwalokho, uma ekonile nganoma iyiphi indlela noma ekukweleta noma yini, kwenze kube yisikweletu sami. 19 Mina Pawulu ngibhala ngesandla sami siqu: ngizokukhokhela—ngingasayiphathi eyokuthi ungikweleta ngisho noqobo lwakho. 20 Yebo, mfowethu, kwangathi ngingathola lolu sizo kuwe ngokuqondene neNkosi; vuselela inhliziyo yami* ngoKristu.
21 Ngikubhalela lokhu ngiqiniseka ukuthi uzolalela, ngiyazi ukuthi uzokwenza ngisho nangaphezu kwalokhu engikushoyo. 22 Kodwa kanye nalokho, ngilungisele nendawo yokuhlala, ngoba ngithemba ukuthi ngemithandazo yenu ngizobuyiselwa kini. *+
23 Abakhonzayo kuwe ngu-Ephafra, + isiboshwa esikanye nami kuKristu Jesu, 24 kanye noMarku, u-Aristarku, + uDema + noLuka, + izisebenzi engikanye nazo.
25 Umusa omkhulu* weNkosi uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo.