Duteronomi
9 “O Israyeli yizwa, namuhla uwela iJordani + ukuze ungene futhi uphuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe ifa lazo, + amadolobha amakhulu nanezivikelo eziqinile ezifinyelela emazulwini, *+ 2 isizwe esinabantu abakhulu nabade, abantwana bama-Anaki, + owaziyo ngaso nozwile kuthiwa ngaso, ‘Ubani ongamelana nabantwana bama-Anaki?’ 3 Ngakho kufanele wazi namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uzowela ngaphambi kwakho. + Ungumlilo oqothulayo + futhi uzozibhubhisa. Uzozinqoba phambi kwakho ukuze uzixoshe* futhi uziqothule ngokushesha, njengoba nje uJehova ekuthembisile. +
4 “Ungasho enhliziyweni yakho lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezixosha phambi kwakho ukuthi, ‘Ukulunga kwami okwenze ukuba uJehova angingenise ukuze ngilidle leli zwe.’ + Kunalokho, kungenxa yobubi balezi zizwe + ukuthi uJehova uyazixosha phambi kwakho. 5 Akungenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyangena uyodla izwe lazo. Kunalokho, kungenxa yobubi balezi zizwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho, + nokuba afeze izwi uJehova alifungela okhokho bakho, u-Abrahama, + u-Isaka + noJakobe. + 6 Ngakho yazi ukuthi akungenxa yokulunga kwakho ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho ukunika leli zwe elihle ukuba udle ifa lalo; ngoba uyisizwe esinenkani. *+
7 “Khumbula—ungalokothi ukhohlwe—indlela owamcasula ngayo uJehova uNkulunkulu wakho ehlane. + Kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe kuze kube sekufikeni kwakho kule ndawo ubulokhu udlubulunda kuJehova. + 8 Ngisho naseHorebe namcasula uJehova futhi uJehova wanithukuthelela kakhulu kangangokuba wayekulungele ukuniqothula. + 9 Lapho ngenyukela entabeni ukuze ngamukele amatshe ayizicaba, + amatshe esivumelwano uJehova ayesenze nani, + ngahlala entabeni izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, + ngingadli sinkwa futhi ngingaphuzi manzi. 10 UJehova wabe esenginika amatshe amabili ayizicaba alotshwe ngomunwe kaNkulunkulu, kuwo kukhona wonke amazwi uJehova ayewakhulume nani entabeni esemlilweni ngosuku lomhlangano. *+ 11 Ekupheleni kwezinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, uJehova wanginika la matshe amabili ayizicaba, amatshe esivumelwano, 12 uJehova wathi kimi, ‘Sukuma, yehla masinyane lapha ngoba abantu bakho obakhiphe eGibhithe benze ngendlela eyonakele. + Baphambuke ngokushesha endleleni engibayale ukuba bayilandele. Bazenzele umfanekiso wensimbi.’ *+ 13 UJehova wabe esethi kimi, ‘Ngisibonile lesi sizwe, siyisizwe esinenkani. *+ 14 Ngiyeke ngisiqothule ngisule igama laso phansi kwamazulu, ngenze wena ube isizwe esinamandla nesinabantu abaningi kunaso.’ +
15 “Ngaphenduka ngehla entabeni ngesikhathi intaba ivutha umlilo, + amatshe amabili ayizicaba esivumelwano ayesezandleni zami zombili. + 16 Ngabheka ngabona ukuthi nanonile kuJehova uNkulunkulu wenu! Nanizenzele ithole lensimbi.* Naniphambuke ngokushesha endleleni uJehova ayeniyale ukuba niyilandele. + 17 Ngakho ngathatha amatshe amabili ayizicaba ngawajikijela phansi ngazo zombili izandla zami ngawaphihliza phambi kwenu. + 18 Ngakhothama phambi kukaJehova, njengasekuqaleni, izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40. Angidlanga kudla futhi angiphuzanga manzi, + ngenxa yazo zonke izono enanizenzile ngokwenza okubi emehlweni kaJehova nangokumcasula. 19 Ngoba ngangethukile ngenxa yokuthi uJehova wayenithukuthelele kakhulu + kangangokuba wayekulungele ukuniqothula. Nokho, uJehova wangilalela nangaleso sikhathi. +
20 “UJehova wayemthukuthelele kakhulu u-Aroni kangangokuba wayekulungele ukumqothula, + kodwa ngamnxusela u-Aroni nangaleso sikhathi. 21 Ngabe sengithatha le nto eyisono enaniyenzile, ithole, + ngayishisa ngomlilo; ngayichoboza, ngayigayisisa yaze yacoleka yaba uthuli, ngaphonsa lolo thuli emfudlaneni osuka entabeni. +
22 “Ngaphezu kwalokho, eThabehera, + eMasa + naseKibiroti-hathawa + nakhona namthukuthelisa uJehova. 23 Lapho uJehova enithuma niseKadeshi-barineya, + ethi, ‘Hambani nidle izwe engizoninika lona nakanjani!’ naphinde nadlubulunda emyalweni kaJehova uNkulunkulu wenu, + anilubonisanga ukholo + kuye futhi animlalelanga. 24 Selokhu nganazi benilokhu nidlubulunda kuJehova.
25 “Ngakho ngangilokhu ngikhothama phambi kukaJehova izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, + ngangikhothama kanjalo ngoba uJehova wayethe uzoniqothula. 26 Nganxusa uJehova ngathi, ‘O Nkosi EnguMbusi Jehova, ungasibhubhisi isizwe sakho. Siyimpahla yakho, *+ siyisizwe owasikhulula ngobukhulu bakho, wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla. + 27 Khumbula izinceku zakho u-Abrahama, u-Isaka noJakobe. + Ungakunaki ukuba nenkani kwalesi sizwe, ububi baso nesono saso. + 28 Kungenjalo abantu basezweni osikhiphe kulo bangase bathi: “UJehova wahluleka ukusingenisa ezweni asithembise lona, futhi ngenxa yokuthi wayesizonda, wasikhipha ukuze asibulale ehlane.” + 29 Ngoba siyisizwe sakho nempahla yakho, *+ isizwe owasikhulula ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho enamandla.’ +